settings icon
share icon
Umbuzo

Unakho ukuphila okuphakade na?

Impendulo


IBhayibheli isinikeza indlela eqondileyo eya ekuphileni okuphakade. Okokuqala, sifanele ukwamukela ukuthi sonile kuNkulunkulu: "Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu (KwabaseRoma 3:23) Sonke sense izinto ezingamthokozisi uNkulunkulu, ezenza ukuthi sifanele ukujeziswa. Ngokuba zonke izono zethu ziphambene ngokupheleleyo noNkulunkulu ophakade, sifanelwe yisijeziso esiphakade. Inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade ngoJesu Kristu inkosi yethu" (KwabaseRoma 6:23).

Kodwa ke, Ujesu Kristu, ongenasono (I Phetru 2:22), indodana yaphakade kaNkulunkulu (NgokukaJohane 1:1,14) weza waba ngumuntu (NgokukaJohane 1:1.14) wafa ekhokhela isijeziso sethu. Kepha Unkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe kithi ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela (KwabaseRoma 5:8). UJesu Kristu wafa esiphambanweni (NgokukaJohane 19:31-42), wathatha isjeziso esasifanele thina (II KwabaSekorinte 5:21). Ngosuku lwesithathu wavuka kwabafileyo (I KwabaseKorinte 15:1-4), ekhombisa ukunqoba kwakhe phezu kwesono nokufa. "owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibenethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kridtu kwabafileyo (KaPhetru 1:3).

Ngokukholwa sifanele ukuphenduka sishiye isono siphendukele kuJesu Kristu sithole insindiso (Izenzo 3:19) Uma sibeka ukukholwa kwethu Kuye, sethembe ukufa Kwakhe esiphambanweni njengenkokhelo yezono zethu, sizakuxolelwa futhi sethenjiswe ukuphila okuphakade ezulwini. Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdidana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade (NgokukaJohane 3:16). "Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi Ujesu uyiNkosi, ukholwa ngenhliziyo yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa (KwabaseRoma 10:9). Ukokholwa kodwa nje emsebenzini opheleleyo ka Kristu esiphambanweni okuyiyona ndlela eyiqiniso eya ekuphileni okuphakade. "Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa;nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungbikho ozibongayo" (Kwabase-Efesu 2:8-9).

Uma ufuna ukwamukela uJesu Kristu abe nguMsindisi wakho, nangu umthandazo ongumfanekiso nje womthandazo ongawuthandaza. Khumbula ukuthi ukusho lomthandazo noma omunye ofana nawo angeke kukusindise esonweni. Ukwethembela kuJesu Kristu ngokuphelele okungakukhulula esonweni. Lomthandazo yindlela nje elula yokuthululela kuNkulunkulu ukukholwa kwakho kuye nokumbonga ngokukupha insindiso. Thandaza ke uthi:"Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje izono zami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nokuthethelela okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Unakho ukuphila okuphakade na
© Copyright Got Questions Ministries