settings icon
share icon
Umbuzo

Ingabe uNkulunkulu ukhona na? Bukhona yini ubufakazi obufakazela ubukhona bukaNkulunkulu?

Impendulo


Ingabe uNkulunkulu ukhona yini? Kuyamangaza ukuthi abantu abaningi bagxile kulenkulumo mpikiswano. Uhlolo olusanda kwenziwa lukhombisa ukuthi abantu abangaphezu kuka 90% emhlabeni bayakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu noma ke emandleni thize amakhulu. Kodwa ke, kubonakala kusemahlombe alabo abakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu ukunika ubufakazi obuqinisekisa ubukhona bukaNkulunkulu. Kimina, ngicabanga ukuthi kufanele kwenzeke ngenye indlela.

Noma kunjalo, ubukhona bukaNkulunkulu abulula ukubuqinisekisa noma ukuphikisana nabo. IBhayibheli isitshela ukuthi sifanele ukwamukela ubukhona bukaNkulunkulu ngokukholwa, Kepha ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzo walabo abamfunayo (KuMaheberu 11:6). Uma uNkulunkulu ubethanda, ubengavele aziveze nje aqinisekise ukuthi ukhona ngempela. Kodwa ke ukwenza lokho bekungasho ukuthi ukukholwa akudingeki. UJesu wathi kuye: ngokuba ungibonile uyakholwa na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga (NgokukaJohane 20:29).

Lokho akusho ukuthi abukho ngempela ubufakazi bokuthi Unkulunkulu ukhona. IBhayibheli isho lokhu, Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, Nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe. Usuku luyalandisa usuku inkulumo, nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi. Akukho ukukhuluma, awakho amazwi, lapho izwi lingezwakali khona. Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonke namazwi awo emkhawulweni womhlaba. (AmaHubo 19:1-4). Uma sibbheka izinkanyezi, siqondisisa ukujula komkhathi, sibhekisise ismanga endalweni, sibone ubuhle bokushona kwelanga zonke lezizinto zikhomba ebukhoneni boMdali onguNkulunkulu. Uma zingenelisi ukuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu ukhona, sinaso isiqiniseko ezinhliziyweni zethu. Incwadi kuMshumayeli 3:11 ithi, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo.... Kukhona ekujuleni kwezinhliziyo zethu ukwazi ukuthi kukhona okukhona ngale kwalempilo, futhi kukhona Ophilayo ngale kwalomhlaba. Singakuphika loku ngokuhlakanipha kwengqondo yethu, kodwa ubukhona bukaNkulunkulu kithi bukhona. Nokho iBhayibheli iyeqwayisa ukuthi phezu kwabo bonke lobufakazi, basekhona abazophika ukuthi uNkulunkulu ukhona, Isiwula sithi enhliziyweni yaso, akekho uNkulunkulu (AmaHubo 14:1). Njengoba abantu abangaphezu kuka 98% emlandweni, nasemasikweni onke, nasezimpucukweni zonke, nasemazwenikazi onke bakholelwa ebukhoneni bohlobothize lawonkulunkulu iqiniso ukuthi kukhona okukhona (noma okhona) oyimbangela yalolukholo.

Ukwengeza kulenkulumo mpikiswano ngokwesiBhayibheli kobukhona bukaNkulunkulu, kunobufakazi obuhlelekile obuphathekayo. Ubufakazi-mpikiswano bokuqala bubizwa ngokuthi yi ontology (Ubukhona bukaNkulunkulu). Okuchazwa kabanzi yilempikiswano kususelwa ekuqondeni-nzulu uNkulunkulu okuqinisekisa ubukhona Bakhe. Lokhu kuqala ekuchazeni ukuthi uNkulunkulu uyini, okungukuthi uyilokho okungaphezu kwalokho okungaqondwa ukuthi kungaphezulu. Lempikiswano iqhubeka ithi ukubakhona kungaphezu kokuba kungabikhona, ngakoke Lowo oqondwa ngokuthi mkhulu ufanele ukuba khona. Uma ke uNkulunkulu ubengekho, kusho ukuthi ke ngabe akukho nalokhu kukholelwa ukuthi uyena Ophezukonke lokho kungaphikisana nencazelo yokuthi uNkulunkulu uyini.

Eyesibili incazelo-mpikiswano ibizwa ngokuthi yi teleology (echaza ubukhona bukaNkulunkulu ngokubheka ukuhleleka kwendalo). Yona ke ithi lokhu umhlaba namazulu ekhombisa ukuthi amiswa ngobuqhwephesha obumangalisayo, kufanele ukuthi ukhona Omkhulu onobuqhwepheshi obungaphezu kokuqoda komuntu. Njengokuthi nje, uma umhlba ubungaba seduze nje kancane nelanga ngaphezu kokufaneleyo ubungeke ubesesimeni esikahle sokwenza impilo iphileke kuwo.

Inkulumo mpikiswano yesithathu ibizwa ngokuthi yi cosmological (echazwa ngokuthi wonke umphumela unesisusa). Endalwenikazi iphelele konke okukhona kungumphumela. Kufanele nakanjani ukuthi wonke lomphumela obonakala endalweni unesisusa ukuba uvele. Eqinisweni lonke, kufanele ukuthi kukhona okungenasisusa okwenza ukuba kubenesisusa esenza ukuba kuvele umphumela. Lokho okungenasisusa kunguNkulunkulu.

Inkulumo mpikiswano yesine ithiwa yi moral argument (engachazwa ngokuthi wulwazi olunzulu ngokulungile nokungalungile). Lonke isiko emlandweni wonke liba nohla lomthetho. Wonke umuntu kukhona kuye ukwazi okulungile nokungalungile. Ukubulala. amanga, ukweba nokungcola akwamukeleki mhlaba wonke. Ingabe lolu lwazi lwalokho okulungile nokungalungile aluveli kuNkulunkulu na?

Ngaphandle kwakho konke lokhu, iBhayibheli lisitshela ukuthi abantu bayaluphika ulwazi ngoNkulunkulu, bakholwa amanga. KwabaseRoma 1:25 kuthiwa, Baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen. IBhayibheli liqhubeka lithi abantu abanakho ukuziphendulela ngokungakholwa nguNkulunkulu, Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela (KwabaseRoma 1:20).

Abantu bazitshela ukuthi angeke bakholwa nguNkulunkulu ngokuba akunabuqiniso obuphathekayo futhi akunabufakazi obubonakalayo. Isizathu esiyiso ukuthi uma abantu beke bakwamukela nje ukuthi uNkulunkulu ukhona, bafanele ukwazi nokuthi banokuziphendulela Kuye, futhi badinga intethelelo Yakhe (KwabaseRoma 3:23; 6:23). Uma uNkulunkulu ekhona, sinokuphendulela izenzo zethu Kuye. Kanti uma sikholwa ukuthi akekho, singenza noma yini ngaphandle kokukhathazeka ngokwahlulelwa Nguye. Ngiyakholwa ukuthi inkolelo yendalo yokuguquguquka kancane (evolution) ithandwa ngabaningi ngoba ibanika ithuba lokuba bangakholwa nguMdali uNkulunkulu. UNkulunkulu ukhona futhi iqiniso ukuthi wonke umuntu uyakwazi lokho. Kona lokho okwenza abanye baphikisane kangaka nobukhona Bakhe kukhomba khona ukuthi ukhona.

Ngivumele ngiphe ubufakazi bokugcina ngobukhona bukaNkulunkulu. Ngazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyaphila na? Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyaphila ngokuba ngikhuluma Naye imihla ngemihla. Akusho ukuthi ngimuzwa ekhuluma nami ngezwi elizwakala ezindlebeni, kodwa ngiyabuzwa ubukhona bakhe, ngiyakuzwa ukungihola kwakhe, ngiyalwazi uthando lwakhe, ngiyalangazelela umusa wakhe. Okuningi kwezekile empilweni yami ezingachazeki ngaphandle kokuthi uNkulunkulu ozenzileyo. UNkulunkulu ungisindisile washintsha impilo yami okwenza ukuthi ngikwamukele ngokuphelele ukuthi ukhona. Zonke lezinkulumo mpikiswano azinamandla okwenza ukuthi umuntu angakholwa ubukhona bukanKulunkulu ngokuba kuyiqiniso elisobala. Ekugcineni kwakho konke, ubukhona bukaNkulunkulu bufanele ukwamukelwa ngokukholwa (KuMaHeberu 11:6). Ukukholwa kuNkulunkulu akusikho nje ukugqumela ebumnyameni, kodwa ukuthatha isinyathelo sokungena endaweni ekhanyayo lapho abaningi sebavele bemi khona.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ingabe uNkulunkulu ukhona na? Bukhona yini ubufakazi obufakazela ubukhona bukaNkulunkulu
© Copyright Got Questions Ministries