settings icon
share icon
Umbuzo

Ngingaqiniseka kanjani ukuthi ngizoya eZulwini uma ngifa?

Impendulo


Uqiniseke ngempela ukuthi unakho ukuphila okuphakade nokuthi uzoya eZulwini uma ufa? UNkulunkulu ufuna ukuthi ube nesiqiniseko! IBhayibheli ithi: Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. (1 KaJohane 5:13). Nangu umfanekiso, zibone ume phambi kukaNkulunkulu abese ekubuza lombuzo othi, Ngitshele ukuthi ngifanele ngani ukukuvumela ukuthi ungene eZulwini? Ungaphendula uthini? Ungeze wakwazi nokuphendula. Ofanele ukukwazi ukuthi uNkulunkulu uyasithanda futhi usenzele indlela yokuthi sibe nesiqiniseko salapho siyochitha ingunaphakade lethu khona. IBhayibheli ithi; ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade. (NgokukaJohane 3:16).

Okokuqala esifanele ukukuqonda yinkinga esivimbela ukungena eZulwini. Inkinga yilena-Imvelo yethu yokona iyona esivimbela ukuba sibe nobudlelwane noNkulunkulu. Siyizoni ngokwemvelo nangokuzikhethela. Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu. KwabaseRoma 3:23). Singeke thina sizisindise ngokwethu. Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. (Kwabase-Efesu 2:8-9). Thian sifanelwe ukufa nesihogo. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa. (KwabaseRoma 6:23).

UNkulunkulu ungcwele futhi ulungile ngakoke ufanele ukujezisa isono, kodwa ke ngoba esithanda usinikezile intethelelo ngezono zethu. UJesu uthi: Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. (NgokukaJohane 14:6). UJesu wasifela esiphambanweni: Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni. (1KaPetru 3:18). UJesu wavuswa kwabafileyo: Owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu. (KwabaseRoma 4:25).

Akesibuyele embuzweni wethu wakuqala ngingaqiniseka kanjani ukuthi ngiya eZulwini uma ngifa? Impendulo yilena kholwa eNkosini uJesu Kristu uyakusindiswa (Izenzo 16:31). Bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantawana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe. (NgokukaJohane 1:12). Ungakwemukela ukuphila okuphakade njengesipho samahhala. kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. (KwabaseRoma 6:23). Ungaphila impilo epheleleyo khona manje. UJesu uthi: Ngize ukuba babenokuphila, babenakho kuchichime. (NgokukaJohane 10:10). Ungachitha iphakade lakho noJesu eZulwini, ngoba uthembisile wathi: Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibekhona nani. (NgokukaJohane 14:3).

Uma ufuna ukwemukela uJesu Kristu njengoMsindisi wakho nokuthola intethelelo kuNkulunkulu, shano lomthandazo olandelayo: Khumbula ukuthi ukusho lamagama noma amanye afana nawo angeke kukusindise esonweni. Ukwethembela kuJesu Kristu ngokuphelele okungakukhulula esonweni. Lomthandazo yindlela nje elula yokuthululela kuNkulunkulu ukukholwa kwakho nokumbonga ngokukupha insindiso. Thandaza ke uthi:"Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje isono sami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nokuthethelela okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ngingaqiniseka kanjani ukuthi ngizoya eZulwini uma ngifa
© Copyright Got Questions Ministries