settings icon
share icon
Umbuzo

Ngingalungelana kanjani noNkulunkulu?

Impendulo


Ukuze silungelane noNkulunkulu, kufanele siqonde kuqala ukuthi yini into embi empilweni yethu. Impendulo ithi yisono! akakho owenza okuhle, akakho noyedwa (Amahubo 14:3). Sivukele samelana nemiyalo kaNkulunkulu; Thina sonke sidukile njenegezimvu. (UIsaya 53:6).

Izindaba ezimbi ukuthi inkokhelo yesono ingukufa. Umphefumulo owonayo uyakufa (UHezekeli 18:4). Izindaba ezimnandi wukuthi uNkulunkulu onothando usilandelele ukuze asamukelise insindiso. UJesu wakubeka obala ukuthi injongo yakhe ukufuna nokusindisa okulahlekileyo (NgokukaLuka 19:10) futhi wamemezela ukufezwa kwaleyo njongo ngenkathi efa esiphambanweni ngalamagama athi, Kuphelele! (NgokukaJohane 19:30).

Ukuba nobudlelwane obulungelene noNkulunkulu kuqala ngokuzibona nokwamukela ukuthi kunesono kuwe. Okulandelayo ukuzithoba uvume isono sakho kuNkulunkulu (UIsaya 57:15) nokuzimisela ukusilahla leso sono. ngomlomo uyavuma kube ngusindiswa KwabaseRoma 10:10).

Lokhu kuphenduka kufanele kuhambisane nokukholwa. Ukukholwa umhlatshelo wokufa kukaJesu nommangaliso wokuvuka kwakhe kumenza afanelwe ukuba nguMsindisi wakho. Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJeasu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa (KwabaseRoma 10:9). Ziningi izindimana eBhayibhelini ezikhuluma ngesidingeko sokukholwa ezifana nalezi: NgokukaJohane 20:27; Izenzo 16:31; KwabaseGalathiya 2:16; 3:11, 26; na Kwabase-Efesu 2:8.

Ukulungelana noNkulunkulu kwenzeka ngokuthi wena uzibonele futhi uvumelane nalokho uNkulunkulu akwenzile esikhundleni sakho. Wathumela uMsindisi, Wanikela ngomhlatshelo ukuze esule isono sakho (NgokukaJohane 1:29), wase ukwenzela isithembiso esithi: Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa (Izenzo 2:21).

Isibonelo esihle sokuphenduka nentethelelo ngumfanekiso wendodana yolahleko (NgokukaLuka 15:11-32). Indodana encane yachitha isipho sikayise emahlazweni esono (Indimana 13). Isisangulukile, yanquma ukubuyela ekhaya (Indimana 18). Yazicabanga ukuthi yayingasafanele ukubizwa ngendodana (Indimana 19), kodwa wayeshaye phansi! Uyise wlithanda lelibhunguka njengakuqala (Indimana 20). Zonke izono zaxolelwa, kwajatshulwa (Indimana 24).

UNkulunkulu muhle ekugcineni izithembiso Zakhe, ezifaka nesithembiso sokuxolela. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo (Amahubo 34:18).

Uma ufuna ukulungelana noNkulunkulu, nangu umthandazo ongawuthandaza. Khumbula ukuthi ukusho lomthandazo noma omunye ofana nawo angeke kukusindise esonweni. Ukwethembela kuJesu Kristu ngokuphelele okungakukhulula esonweni. Lomthandazo yindlela nje elula yokuthululela kuNkulunkulu ukukholwa kwakho kuye nokumbonga ngokukupha insindiso. Thandaza ke uthi:"Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ukuthi ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje isono sami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nentethelelo okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ngingalungelana kanjani noNkulunkulu
© Copyright Got Questions Ministries