settings icon
share icon
Umbuzo

Ungubani uJesu Kristu?

Impendulo


Ungubani uJesu Kristu? Ngokungafananisi nalombuzo othi, Ingabe uNkulunkulu ukhona yini? bancane kakhulu abantu abazibuza ukuthi uJesu yena ukhona yini. Kwamukeleka kalula nje ukuthi uJesu wayengumuntu ngokwempela owaphila lapha emhlabeni ezweni lakwaIsraeli eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili (2000 years) ezadlule. Inkulumo-mpikiswano isuswa yinkulumo yobunguye bukaJesu. Cishe zonke izinkolo zomhlaba zifundisa ukuthi uJesu wayengumpholofethi, noma wayengumfundisi omuhle, noma wayengumuntu kaNkulunkulu. Inkinga yile, iBhayibheli isitshela ukuthi uJesu wayengowaphakade ngaphezu kompholofethi nje, noma umfundisi, noma umuntu nje kaNkulunkulu.

Umbhali obizwa ngokuthi u C.S. Lewis encwadini yakhe esihloko esithi Mere Christianity (Inkolo yobuKristu nje) wabhala lamagama: Lapha ngezama ukuvimbela noma yimuphi umuntu ukungakhulumi ubulima obuvame ukukhulunywa ngabantu Ngaye (uJesu Kristu). Ngizimisele ukumamukela uJesu njengomfundisi omkhulu kwezokuziphatha, kodwa angikwamukeli ukuzibiza Kwakhe ukuthi unguNKulunkulu. Kodwa yikona kanye ke lokho esingafanele ukukusho. Umuntu ongumuntu nje obengasho lezozinto uJesu abezisho angeke kuthiwe wayengumfundisi omkhulu kwezokuziphatha. Kungamane kuthiwe uwuhlanya --- olufana nomuntu ozibiza ngeqanda elibhulayisiwe--- noma ke abe nguSathane wesihogo. Kufanele ukhethe. Kungaba ukuthi lomuntu abeyiNdodana kaNkulunkulu futhi namanje uyiyo, noma uluhlanya noma ukwedlula lokho. Ungazama ukumthulisa njengesilima, umfele ngamathe umbulale njengedemoni; noma ungakhothama ezinyaweni zakhe umkhonze njenegeNkosi noNkulunkulu. Kodwa ke asingalingi ukumveza njengomfundisi nje omkhulu. Yena uqobo akasilindelanga ukuba simbone enjalo.

Manje ke uJesu wayethi Yena ungubani? IBhayibheli lithi wayengubani? Okokuqala, akesibheke amazwi kaJesu encwadini ngokukaJohane 10:30, Mina noBaba simunye. Uma sibheka nje ngaphandle kokujula, ungeke uthi uJesu wayezisho ukuthi unguNkulunkulu.. Kodwa, uma ubheka indlela abaJuda abawathatha ngayo lamagama uma bethi, asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu nje ozibiza uNkulunkulu (NgokukaJohane 10:33).. AbaJuda bawaqonda amagama kaJesu ukuthi uzisho Yena ukuthi unguNkulunkulu. Ezindimaneni ezilandela lawo magama, uJesu akawaphikisi noma abaqondise abaJuda ngokuthi, angizange ngizisho mina ukuthi nginguNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi uJesu ngokwempela wayesho njalo ukuthi Yena unguNkulunkulu ngokusho lamazwi athi, Mina noBaba simunye (NgokukaJohane 10:30). Esinye isiboniso sitholakala encwadini NgokukaJohane 8:58 lapho uJesu athi khona, Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini engakabikho uAbrahama, ngangikhona mina. Baphinda abaJuda bafuna ukumkhanda ngamatshe uma bezwa lamagama (NgokukaJohane 8:59). Ukuziveza kukaJesu ngokuthi athi Nginguye kusukela eTestamendeni elidala okusho ukuthi Nkulunkulu. Yingani abaJuda befuna ukumkhanda ngamatshe uJesu uma ubengashongo amazwi ayebenza bakholelwe ukuthi uyahlamabalaza ngokuzisho ukuthi Yena unguNkulunkulu na?

NgokukaJohane 1:1 kuthiwa uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. NgokukaJohane 1:14 kuthi khona, uLizwi waba yinyama. Lokhu kusibonisa ngokusobala ukuthi uJesu unguNkulunkulu enyameni. UMfundi kaJesu uTomase washo lamazwi ngoJesu wathi, Nkosi yami, Nkulunkulu wami (NgokukaJohane 20:28). UJesu akamphikisanga noma akezamanga ukumqondisa kulokho. Umphostoli uPawulu umchaza ngalamagama, Nkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu (KuThithu 2:13) UmPostoli uPetru usho wona lawo magama uma ethi, uNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu (II kaPetru 1:1). UNkulunkulu uBaba usho lokhu ngoJesu, Kepha ngeNdodana uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho (KuMaheberu 1:8). Iziprofetho eTestamendeni elidala ngoJesu ziveza ubuNkulunkulu bukaJesu uma zithi, Sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana, umbuso uyakuba semahlombe akhe. Uyakubizwa ngokuthi Umaluleki Omangalisayo, uNkulunkulu Onamandla, uBaba Ongunaphakade, iNkosi yoKuthula.

Manje ke njengoba u C. S. Lewis asho, ukukholelwa ukuthi uJesu wayengumfundisi omuhle akusiyo into esinokuzikhethela yona. Ujesu wazisho Yena ngokusobala ukuthi unguNkulunkulu. Uma engesiye uNkulunkulu, ungumqambi-manga, ngokunjalo akasuye umprofethi, noma umfundisi omuhle, noma umuntu kaNkulunkulu. Imizamweni yokuchaza amagama kaJesu, izifundiswa zanamuhla ziveza ukuthi uJesu wasemlandweni akazange azisho eziningi zalezo zinto ezibhalwe eBhayibhelini. Singobani thina ukuphikisana nombhalo kaNkulunkulu ngalokho uJesu akusho nangakushongo? Kungenzeka kanjani ukuthi isifundiswa sanamuhla esiphila iminyaka engama 2000 kude nesikhathi sikaJesu sizitshele ukuthi sibona kanqcono okwenziwa noma okungenziwanga nguJesu ukwedlula labo abaphila Naye, bamkhonza, futhi bafundiswa Nguye (NgokukaJohane 14:26)?

Kungani ukuba lombuzo ngobunguye bukaJesu usemqoka kangaka na? Kumqoka ngani ukuba nguNkulunkulu kukaJesu noma ukungabi nguye? Isizathu esisemqoka sokuba uJesu kumfanele ukuba nguNkulunkulu yilesi sokuba uma ubengesiye uNkulunkulu, ukufa Kwakhe ngabe akwanele ukuhlawulela inhlawulo yezono zezwe (I KaJohane 2:2). NguNkulunkulu kuphela obengathwala izono zezwe (KwabaseRoma 5:8; II KwabaSekorinte 5:21),UJesu wafanela ukuba abe nguNkulunkulu ukuze ahlawule amacala ethu. UJesu wafanela ukuba nguMuntu ukuza afe. Insindiso itholakala kuphela ngokukholwa kuJesu Kristu! UbuNkulunkulu bukaJesu benza ukuba kube Nguye yedwa indlela yensindiso. Yibo futhi obenza ukuba athi, Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila. Akakho oza kuBaba ngaphandle kwami (NgokukaJohane 14:6).

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ungubani uJesu Kristu
© Copyright Got Questions Ministries