settings icon
share icon
Umbuzo

Lisifundisani iBhayibheli ngoButhathu?

Impendulo


Indaba enzima ngobuthathu bezulu ukuthi abunayo incazelo elula futhi eqondile. UButhathu isifundo esinzima ukuthi umuntu angasiqonda ngengqondo yobuntu kanye nokusichaza kahle. uNkulunkulu mkhulu okudlulisekayo kunathi futhi, ngokunjalo asifanele sicabange nje ukuthi singamqonda. iBhawayibheli lisifundisa ukuthi uNkulunkulu nguBaba, uJesu naye unguNkulunkulu, kanye futhi uMoya Oyingcwele nguBaba.iBhayebheli lisifundisa ukuthi munye uNkulunkulu. Nanoma singaqonda amaphuzu athize ngobudlelwane kanye nokwahlukana kwabantu abenza UButhathu bube munye komunye, ekugcineni, akuqondeki emqodweni womuntu. Kodwa ke lokho akusho ukuthi UButhathu abukho noma akusikelelwanga esifundisweni sezwi.

UButhathu uNkulunkulu eyedwa aphila phakathi kwabantu abathathu. Qonda futhi ukuthi lokhu akusho ukuthi oNkulunkulu bathathu. Ungakhohlwa futhi uma sifunda lendaba isihloko esithi UButhathu asikho eBhayebhelini. Leli igama elizama ukuchaza uButhathu bakaNkulunkulu uButhathu phakathi kwakhe, okhona kuze kube mandulo nguyenaUmuntu owenza uNkulunkulu. Okuyiqiniso ukuthi lomqondo oveza igama Ubuthathu likhona ezwini. Loku okulandelayo yilokho okushiwo izwi likaNkulunkulu ngoButhathu. Uyedwa uNkulunkulu (uDetoronomi 6:4;1 abaseKorinthe 6:4;Galathiya 3:20;1 Timothewu 2:5). uButhathu bakhiwe ngaBantu abathathu (Genesisi 1:1, 26;3:22;11;7;Isaya 6:8, 48:16, 61:1, uMathewu 3:16 17, 28:19, 2 abaseKorinthe 13;14) Ku Genesisi ibizo lesi Hebheru elithi Elohim kanti futhi isabizwana thina lisebuningini, kuGenesisi 1:26, 3:22, 11:7 futhi Isaya 6:8, isabizwane esibuningi siyasetshenziswa. Igama elithi Elohim bese kusetshenziswa isabizwana thina njengobuningi, ngempela lisho sona isiHebheru ukuthi kundlula ububili. Nanoma kungasilona iphuza esingamela kulo ngamandla uma sikhuluma ngoButhathu, alisho ubuningi kuNkulunkulu. Igama lesi Hebheru elithi Elohim, ngempela livumela ukuba sibe noButhathu.

Ku Isaya 48:16 kanye futhi 61:1, Indodana ikhuluma lapha ikhomba khona kuBaba kanye Nomoya Oyingcwele. Qathanisa kuIsaya 61:1, naku Luka 4:14 19 ukuze ubone ukuthi indodana ekhulumayo. uMathewu 3:16 17 ichaza indaba yokubhaphathiswa kuka Jesu. Bheka lapha uNkulunkulu oNgumoya Oyingcwele ehla phezu kukaNkulunkulu iNdodana lapho uNkulunkulu Baba ethi ngithokoza ngaye iNdodana.uMathewu 28:19 kanye 2 abaseKorinthe 13:14 izibonelo zabantu abathathu kuButhathu.

Amalunga woButhathu avezwa ngamunye ngamunye ezahlukweni ezihlukene. eTastamentini elidala, Inkosi lihlukanisiwe ku Inkosi (uGenesisi 19:24;Hosiya 1:4) Inkosi ineNdodana (amaHubo 2:7, 12;Izaga 30:2 4). uMoya uyahlukaniswa ku Inkosi (Numeri 27:18) uma sibheka umehluko uNkulunkulu (amaHubo 51:10 12).uNkulunkulu iNdodana yahlukanisiwe kuNkulunkulu Baba (amaHubo 45:6 -7;amaHeberu 1 :8 9) kuTestamenti Elisha uJesu ukhuluma ngoBaba thumela Umncedisi, onguMoya Oyingcwele (uJohane 14:16 17). Loku kukhombisa ukuthi uJesu akazange azithathe nje ngoBaba noma uMoya Oyingcwele. Ake ucabanga uJesu lapho akhuluma khona ezincwadini zabaVangeli. uJesu ukhuluma noBaba. Ube zikhulumela yedwa? Cha. Ube khuluma nomunye umuntu eButhathweni uBaba.

1) Yilelo nalelo lunga loButhathu uNkulunkulu. uBaba uNkulunkulu (Johane 6:27, abaseRoma 1:7, 1 uPetro 1:2) iNdodana uNkulunkulu(Johane 1:1, 14:abaseRoma 9:5;abaseKolose 2:9;amaHebheru 1:8;1 Johane 5:20) uMoya Oyingcwele nguNkulunkulu(Izenzo 5:3 4;1 abaseKorinthe 3;16).

2) Kukhona ukuthobelana phakathi koButhathu. Izwi lisifundisa ukuthi uMoya Oyingcwele uthobela Ubaba kanye neNdodana, kanye futhi iNdodana ithobela uBaba.Lobu ubudlelwane baphakade futhi lohlelo aluphikisi muntu eButhathweni. Lena ngenye inxenya lapho ingqondo yethu ingakhoni ukuqonda amandla kaNkulunkulu. Mayelana neNdodana bheka kuLuka 22:42, Johane 5:36, Johane 20:21 kanye 1 Johane 4:14. mayelane noMoya Oyingcwele bheka ku Johane 14:16, 14:26, 15:26. 16:7 ikakhulu Johane 16:13 14.

3) Amalunga ahlukene woButhathu animisebenzi ehlukile.uBaba nguyena umsuka nomdali wezulu nomhlaba (1 abaseKorinthe 8:6, Isambulo 4:11) Isambulo esivela phezulu (Isambulo 1:1) Insindiso (Johane 3:16 17);imisebenzi yobuntu ka Jesu (Johane 5:17, 14:10) Uma ngumqalisa wazo zonke izinto.

Indodana isithunywa nguye uBaba wenza lemisebenzi elandelayo:ukudala kanye nokugcina umhlaba (1 abaseKorinthe 8:6 Johane 1:3, Kolose 1:16 17) isambulo esiphezulu (Johane 1:1, 16:12 15;uMatewu 11:27;Isambulo 1:1) insindiso (2 abaseKorinthe 5:19;Mathewu 1:21;Johane 4:42). uBaba wenza zonke lezinto ngeNdodana, esebenza nje ngesithunywa sakhe.

uMoya Oyingcwele indlela uBaba enza imisebenzi elandelayo:ukudala nokugcina umhlaba (Genesisi 1:2:Jobha 26:13;amaHubo 104:30) isambulo esiphezulu (Johane 16:12 15, Efesu 3:5, 2 Petro 1:21) insindiso (Johane 3:6;uThitho 3:5;1 Petro 1:2); futhi uJesu uyasebenza (Isaya 61:1:Izenzo 10:38). uBaba wenza konke lokhu ngamandla kaMoya Oyingcwele.

Kube nemizekeliso eminingi ukuzama ukuchaza uButhathu. Kodwa ke awukho umzekeliso ochaza kahle loButhathu.Iqanda noma iHabhula liyahluleka ngaphakathi kwenqikithi, ubumhlophe kanye nombala oyelo ingxenye yeqanda. akusiwona amaqanda ngempela, nje ngesikhumba, inyama, kanye nembewu ye abhula kuyizinxenye hayi i- abhula. uBaba, Ndodana noMoya Oyingcwele akusizona izitho zikaNkulunkulu;yileyo naleyo yazo uNkulunkulu. Amanzi angaba isibonelo esingcono, kodwa nawo akachazi kahle uButhathu. Ubumanzi, umhwamuko, kanye neqhwa uma kuhlangana kwakha amanzi. uBaba, Ndodana noMoya Oyingcwele benze isimo sobuNkulunkulu, omunye nomunye nguNkulunkulu. Lesi sithombe sisinika uphawu loButhathu kodwa akubona uButhathu kahle kahle. uNkulunkulu ongaboniyo akulula ukumchaza ngezinto ezibonakalayo.

Indaba yoButhathu ibe indaba enzima futhi enganayo impendulo kumlando wonke wamaKristu nebandla likaNkulunkulu. Nanoma amandla nenchazelo yoButhathu ivela kahle ezwini likaNkulunkulu, ezinye izibonelo aziyivezi kahle indaba yoButhathu.uBaba nguNkulunkulu. iNdodana nguNkulunkulu, uMoya Oyingcwele nguNkulunkulu kodwa munye uNkulunkulu.Lesi isifundiso seBheyibheli ngoButhathu. Ukudlula lapho, kunezindatshana, nokungaqondi, nokuphikisana kanye nokungabalulekanga.Kunokuthi sichaze uButhathu ngengqondo yomuntu, kungcono sibheke ubukhulu nobubanzi kanye namandla akhe ongabonwa ngamehlo. Maye, ukujula kwengcebo yakhe kanye nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu, nokuhlulela kwakhe okumangalisayo, nezindlela azingaphezu kokuqonda konke, Ngubani ongazi imicabango yeNkosi? Noma ngubani obe ngumluleki wakhe na? (abaseRoma 11:33 34)

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Lisifundisani iBhayibheli ngoButhathu
© Copyright Got Questions Ministries