settings icon
share icon
Umbuzo

Uyini umthandazo wesoni?

Impendulo


Umthandazo wesoni ngumthandazo othandazwa ngumuntu kuNkulunkulu lapho esebonile futhi eqonda ukuthi uyisoni udinga uMsindisi. Ukusho lomthandazo kukodwa nje angeke kufeze lutho. Lomthandazo ubanomphumela uma ngabe lomuntu owuthandazayo uyazi, uyaqonda, futhi uyakholwa ngokona kwakhe nokuthi uyidinga ngempela insindiso.

Inxenye yokuqala yalomthandazo wesoni ukuqondisisa kahle ukuthi sonke siyizoni. KwabaseRoma 3:10 kuthiwa, Njengokuba kulotshiwe ukuthi: Akakho olungileyo, akakho noyedwa. IBhayibheli icacisa kahle ukuthi sonke sonile. Siyizoni ezidinga umusa nentethelelo evela kuNkulunkulu. (KuThithu 3:5-7). Ngenxa yesono, sifanelwe yisijeziso saphakade (Ngokukamathewu 25:46). Umthandazo wesoni ungowokucela umusa endaweni yokwahlulelwa. Yisicelo sozwelo endaweni yolaka.

Inxenye yesibili yalomthandazo ukwazi lokho uNkulunkulu asenzele khona ukuba asibuyise ekulahlekeni kwethu esonweni. UNkulunkulu waba ngumuntu eMuntwini uJesu Kristu (NgokukaJohane 1:1,14). UJesu wasifundisa iqiniso ngoNkulunkulu, waphila impilo elungileyo, ephelele nangaphandle kwesono (NgokukaJohane 8:46; II KwabaseKorinte 5:21). UJesu wafa esiphambanweni endaweni yethu, wathatha isijeziso esasingesethu (KwabaseRoma 5:8). UJesu wavuka ekufeni ebonakalisa amandla akhe phezu kokufa, kwesono nesihogo (KwabaseKolese 2:15; I KwabaseKorinte 15). Ngenxa yako konke lokhu, izono zethu zingathethelelwa, sithole nesethembiso sethu sekhaya lethu laphakade ezulwini kuphela nje uma singabeka ithemba nokukholwa kwethu kuJesu Kristu. Esifanele ukukwenza ukuba nje sikholwe ukuthi wafa endaweni yethu, wavuka futhi kwabafileyo (KwabaseRoma 10:9-10). Singasindiswa ngomusa kuphela, ngokukholwa kuJesu kuphela. Kwabase-Efesu 2:8 kuthiwa, Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu.

Ukusho lomthandazo wesoni kuyindlela elula yokutshela uNkulunkulu ukuthi wethembela kuJesu njengoMsindisi wakho. Akunamagama angumlingo angakupha insindiso. Wukukholwa kuphela ekufeni nasekuvukeni kukaJesu kristu okungasisindisa. Uma uqonda ukuthi uyisoni esidinga insindiso ngoJesu Kristu, shano nangu umthandazo kuNkulunkulu: Nkulunkulu, ngiyaqondq ukuthi ngiyisoni. Ngiyazi ukuthi ngifanele ukujeza ngezono zami. Kodwa manje ngibeka ithemba lami kuJesu njengoMsindisi wami. Ngiyakholwa ukuthi ukufa nokuvuka kwakhe kwangipha ithuba lokuthola intethelelo. Ngiyethembela kuJesu yena yedwa njengeNkosi noMsindisi wami. Ngiyabonga Nkosi ukungisindisa nokungithethelela! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Uyini umthandazo wesoni
© Copyright Got Questions Ministries