settings icon
share icon
Umbuzo

Ngubani Umoya Oyingcwele na?

Impendulo


Kukhona izinkolo eziningi futhi ezingenalo iqiniso ngesimo soMoya Oyingcwele. Abanye bamfanisa njengemandla amangalisayo. Abanye bamfanisa njengomuntu onamandla esinikwe uNkulunkulu thina maKrestu. Izwi lika Nkulunkulu lithi uyini uMoya Oyingcwele? Kalula nje lithi iBhayebheli uMoya nguNkulunkulu. IBhayebheli lithi uMoya Oyingcwele ngumuntu oPhezu kwakho konke, umuntu, imizwa kanye nentando.

Iqiniso lokuthi uMoya oyingcwele nguNkulunkulu sikubona emibhalweni eminingi. Izenzo 5 Ivesi 3 4 UPetro ubuza UAnaniya ukuthi yini akhohlise uMoya Oyingcwele, uthi kuye wena uwuqambanga amanga kumuntu kodwa nakuNkulunkulu.Kuyacaca ukuthi uma sikhuluma amanga kuMoya sikhohlisa uNkulunkulu. UMoya unguNkulunkulu ngoba unjengaye. uNkulunkulu ukhona ndawo zonke simbona kumaHubo 139; 7 8 Ngingasuka ngiye kuphi wena Moya? Ngingabalekela kuphi ubukhona bakho na? Uma ngiya emazulwini, ukhona lapho; Uma ngendlala umbhede wami ekujuleni, ukhona lapho. Kubase 1 Khorinte 2; 10 11, sibona uNkulunkulu owenza konke kumoya oyingcwele; ngokuba uNkulunkulu uyambulile kithi lendaba ngoMoya Oyingcwele. uMoya uhlola zonke izinto, nezinto ezijulile zikaNkulunkulu. Ngokuba ngubani phakathi kwethu owazi imicabango yomuntu ngaphandle komoya womuntu ukhona kuye. Kanjalo akakho owazi imicabango ka Nkulunkulu ngaphandle koMoya kaNkulunkulu.

Ngakhoke siyazi ukuthi uMoya Oyingcwele umuntu onamandla amakhulu ngoba unemicabango, imizwa kanye nothando. uMoya oyingcwele uyacabanga futhi uyazi (1 AbaseKhorinte 2; 10) Singamcimi uMoya. (Efesu 4; 30) uMoya uyasinxusela. (Abase Roma 8; 26 27) Wenza izinqumo ngokuya kwentando yakhe. (1 AbaseKhorinte 12; 7 11) uMoya Oyingcwele nguNkulunkulu, umuntu wesithathu ebuNkulunkulwini. NjengoNkulunkulu uMoya oyingcwele ngumduduzi, ngumluleki lo uJesu wasithembisa akuthi uzoba nguye (John 14; 16, 26, 15; 26).

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ngubani Umoya Oyingcwele na
© Copyright Got Questions Ministries