settings icon
share icon
Umbuzo

Kuyisono yini ukuchitha emhlabathini ngokwezi likaNkulunkulu?

Impendulo


IBhayibheli alikubeki kucace ukuthi ukuchitha imbewu yendoda emhlabathini kuyisono noma cha. Indaba esithola kahle eBhayebhelini indaba kaOnani ku Genesise 38: 9 10. Abanye bayichaza lendaba ukuchitha imbewu yakhe kodwa ngoba u Onani wala ukuyifeza inkonzo bekufanele ayenze yokuvusela umfowebo inzalo. Lesihloko asivezi kakhulu ukuchitha imbewu phansi kodwa ukufeza inkonzo yomndeni. Enye indaba yesibili eveza lobobufakazi bokuthi ukuchitha kuyisono kuMatewu 5: 27 -30. uJesu ukhuluma ngokuba nemicabano emibi uthi Uma isandla sakho sokudla sikuholela esonweni, sinqume usilahle. Njengalokhu kukhona ukuhambisana phakathi kwalezahluko kanye nendaba yokuchitha, kungenzeke ukuthi uJesu wayekhuza noma esicwayisa ngalendaba yokuchitha.

Akukho lapho izwi leNkosi liveza ukuthi ukuchitha isono, kodwa kube asingabazi ukuthi ukuchitha lokhu kubanga inkanuko okuyisono. Ukuchitha cishe kubanga inkanuko yenyama, ukuzindla ngokwecansi kanye nokuthanda ukubukela izithombe zamakhosikazi ahamba nqunu kanye nabantu abalalanayo ezithombeni noma kumabona kude. Uma lenkinga idinga ukuthi siyixazulule asibhekisiseni. Uma isono senkanuko, imizindlo emimbi, kanye nezithombe zabanqunu zinganqotshwa futhi zehlulwe ngakhoke ukuchitha ngeke kube yinkinga. Abantu abaningi bayahlupheka ngonembeza babo ngendaba yokuchitha, ukuba ngempela, izinto ezabangela lokho akusona isono sokubangela ukuba uphenduke.

Zikhona izindlela zeBhayibheli ezingasetshenziswa ngalendaba yokuchitha. AbaseEfesu 5: 3 lithi izwi Kepha ubufebe nako konke ukungcola, noma isangabe makungaphathwa nangegama phakathi kwenu Kunzima ukubona ukuthi ukuchitha phansi kunganqoba lokukuhlolwa. iBhayebheli lisifundisa ukuthi Noma uyadla noma uyaphuza kwenze ukuba unike uNkulunkulu udumo (1 Abase Khorinthe 10: 31) Uma okwenzayo kunganiki uNkulunkulu udumo, ungakwenzi. Uma umuntu engenalo iqiniso lokuthu lokhu akwenzayo akumthokozisi uNkulunkulu, musa ukwenza ngoba kuyisono. Konke esikwenzayo kungaveli ekukholweni isono (AbaseRoma 14: 23) Futhi, asikhumbule ukuthi imizimba yethu ithempeli likaNkulunkulu Elingcwele, lo okini, nimamukele uvela kuNkulunkulu. Anazi yini ukuthi nina nathengwa ngentengo emangalisayo. Ngakhoke hloniphani uNkulunkulu ngemizimba yenu (1 Abase Khorinthe 6: 19 20) Leliqiniso elimangalisayo lambule okufanele sikwenze ngemizimba yethu. Sesibheke sonke lezimiso, kuyacaca ukuthi ukuchitha phansi isono ngokwezi likaNkulunkulu. Kuyaqonda, ukuchitha phansi akusikona ukudumisa uNkulunkulu; akuvimbi futhi umkhuba wokwenza amanyala, noma kungaphumelela isivivinyo sokuthi imizimba yethu iphethwe nguNkulunkulu.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Kuyisono yini ukuchitha emhlabathini ngokwezi likaNkulunkulu
© Copyright Got Questions Ministries