settings icon
share icon
Umbuzo

Ingabe ubuNkulunkulu bukaKristu buyangokwemibhalo na?

Impendulo


Ngaphezu kwalokho uJesu owayezisho ukuthi uyikho, abafundi babemukela ubuNkulunkulu Bakhe. Bavuma ukuthi uJesu ufanelwe ukuthethelela izono into eyayifanele ukuthi yenziwe nguNkulunkulu kuphela ngoba kuNguye ophambene nesono (Izenzo 5:31; KwabaseKolose 3:13; cf AmaHubo 130:4; KuJeremiya 31:34). Okusondele kakhulu kulokho ukuthi uJesu wathi Yena uzokwahlulela abaphilayo nabafileyo (II KuThimothewu 4:1). UTomase wathi kuJesu, Nkosi yami Nkulunkulu wami! (NgokukaJohane 20:28). UPawulu ubiza uJesu ngokuthi, Nkulunkulu Omkhulu noMsindisi (KuThithu 2:13), futhi usitshela ukuthi ngaphambi kokuba uJesu abanguMuntu wayekhona enguNkulunkulu (KwabaseFilipi 2:5-8). Umbhali wencwadi yamaHeberu uthi maqondana noJesu, Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade (KuMaheberu 1:8). UJohane uthi yena, Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi (UJesu) wayenguNkulunkulu (NgokukaJohane 1:1). Imibhalo ebonakalisa ubuNkulunkulu bukaKristu miningi (Isambulo 1:17; 2:8; 22:13; I KwabaseKorinte 10:4; I KuPetru 2:6-8; AmaHubo 18:2; 95:1; I KuPetru 5:4; AmaHeberu 13:20), kodwa munye walezindimana zanele ukufakazela ukuthi uJesu Kristu wayenguNkulunkulu kubalandeli bakhe.

UJesu futhi unikezwa abizwe ngamagama afanela uJehova kuphela (igama likaNkulunkulu eTestamenteni elidala). Igama elinye lawo eliseTestamenteni elidala yileli elithi UMkhululi (AmaHubo 130:7; UHoseya 13:14) lisetshenziswa kuJesu eTestamenteni elisha (kuThithu 2:13; iSambulo 5:9). UJesu ubizwa ngokuthi uEmanuweli (UNkulunkulu unathi ku Mathewu 1:23). Encwadini kuZakariya 12:10, nguJehova uqobo othi, Bambheke abamgwazileyo, Kodwa iTestamente elisha likusho lokhu ngokubethelwa kukaJesu (NgokukaJohane 19:37; Isambulo 1:7). Uma ngabe kunguJehova abamgwazileyo nabambhekileyo, kanti noJesu kwenzeka kona lokho, okusho ukuthi UJesu ke unguye UJehova. UPawula uchaza uIsaya 45:22-23 ngokuthi lokho kwenzeka kuJesu encwadini KwabaseFiliphu 2:10-11. Ukuqhubeka lapho, igama likaJesu lisetshenziswa nalelo likaJehova emthandazweni umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu KwabaseGalathiya 1:3; Kwabase-Efesu 1:2). Lokhu kukhuluma okunje ngabe bekuwukuhlambalaza uma uJesu ubengasiyeNkulunkulu. Igama likaJesu livela nalelo likaJehova emyalweni wokubhaphathiza othi egameni [linye] likaYise, neleNdodana nelikaMoya Oyingcwele (NgokukaMathewu 28:19; KwabaseKorinte 13:14.

Yonke imisebenzi eyenziwa nguNkulunkulu ithiwa yenziwe nguJesu. UJesu akavusanga kuphela abafileyo (NgokukaJohane 5:21; 11:38-44), wathethelela nezono (Izenzo 5:31; 13:38), kodwa wadala futhi wasekela umhlaba namazulu (NgokukaJohane 1:2; KwabaseKolose 1:16-17)! Leliphuzu lichazeka kahle uma ubheka ukuthi uJehova wayeyedwa uma edala izulu nomhlaba (uIsaya 44:24). Okunye ukuthi uKristu unezimpawu ezifanele uNkulunkulu kuphela: unobuphakade (NgokukaJohane 8:58), UNgokhona (NgokukaMathewu 18:20; 28:20), Ophila phakade (NgokukaMathewu 16:21), Onamandla Onke (NgokukaJohane 11:38-44).

Manje ke, kuyinto enye ukuzisho ukuthi unguNkulunkulu, noma ukwezama ukuyenga abantu, kanti ngokunye ke ukuba ulethe ubufakazi ngalokho. UKristu waletha izibonakaliso eziningi ngemimangaliso ayenzayo, nangokuvuka Kwakhe kwabafileyo ukufakazela ubuNkulunkulu bakhe. Eminye yalemimangaliso ifaka lowo wokuguqula amanzi abe yiwayini (NgokukaJohane 2:7), ukuhamba kwakhe phezu kwamanzi (NgokukaMathewu 14:25), ukwandisa izinto eziphathekayo zibe ziningi (NgokukaJohane 6:11), ukuphilisa izimpumputhe, izinyonga, nabagulayo, nokuvusa kwakhe abafileyo (NgokukaJohane 9:7; NgokukaMarku 2:3; NgokukaMathewu 9:35; 1:40-42;NgokukaJohane 11:4344; NgokukaLuka 7:1115; NgokukaMarku 5:35). Ngaphezu kwalokho, uKristu yena uqobo wavuka kwabafileyo. Ngaphandle nje kwalokho okushiwoyo ngokufa nokuvuka kwawonkulunkulu (izithixo) balabo abangasiwo amaKristu, ayikho enye inkolo eqinisekisa ngokuvuka kwabafileyo futhi akukho mibhalo eqinisekisa lokhu kuvuka kwabafileyo. Ngokusho kuka Dokotela Gary Harbermas, kunamaqiniso angengaphansi kwangamashumi amabili emlandweni avunywa ngisho yilabo abayizingcweti zolwazi abangasiwo amaKristu:

1. UJesu wafa ngokubethelwa esiphamabanweni.

2. Wangcwatshwa.

3. Ukufa kwakhe kwadabukisa kakhulu abafundi bakhe baze balahlekelwa nayithemba.

4. Ithuna likaJesu latholakala lingenalutho (noma njengokusho kwabanye) emva kwezinsukwana.

5. Abafundi bakaJesu bakholwa ukuthi bambona uJesu emva kokuvuka kwakhe.

6. Emva kwalokho abafundi baguquka ekubeni ngabangabazayo babangamakholwa anesibindi.

7. Lomlayezo waba yiyona ngqikithi yokushumayela eBandleni lasendulo.

8. Lomyalezo washunyayelwa eJerusalema.

9. Njengomphumela walentshumayelo, IBandla lazalwa futhi lakhula.

10. Usuku lokuvuka kukaJesu, iSonto, lathatha isikhundla seSabatha (Umgqibelo) njengosuku lokukhonza.

11. UTomase, owayengongabazayo, waphenduka wakholwa emva kokuthi abone uJesu ovukile.

12. UPawula, isitha esikhulu senkolo yobuKristu waphenduka emva kokuhlangana noJesu ovukileyo.

Noma ngabe ukhona obengazama ukungakholwa yilokhu okusohleni olungenhla, zimbalwa nje kuphela izibonakaliso ezifakazela ukuvuka kwakhe eziyisisekelo sevangeli: Ukufa, nokungcwatshwa, nokuvuka, nokubonakala kukaJesu (I KwabaseKorinte 15:1-5). Ingabakhona eminye imibono abanye abangazama ukuchaza ngayo amanye amaqiniso, kodwa ukuvuka kwabafileyo yikho kuphela okuwachaza onke. Labo abangavumelani nawo, bayavuma nokho ukuthi abafundi bakaJesu bona basho futhi bakholwa ukuthi bambona uJesu ovukule. Akukho obengabenza baguquke babeyilokhu ababayikho emva kwalokho ngaphandle kokukholelwa kulokho kuvuka kwabafileyo kukaJesu. Okokuqala nje yini ababezokuthola ngokusho njalo? Inkolo yobuKristu yayingakadumi ngaleso sikhathi futhi yayingangenisi mali. Okwesibili, abaqamba amanga angeke bawafele. Ayikho enye inchazelo ngaphandle kwaleyo yokuvuka kukaJesu kwabafileyo eyayingenza abafundi bazimisele ukuyifela ngokufa okwesabisayo ababeyikholelwa. Abantu abaningi bangawafela amanga abacabanga ukuthi ayiqiniso, kodwa akukho namunye ongafela into eyazi kahle ukuthi ayilona iqiniso.

Ekugcineni: UKristu wazisho yena ukuthi unguJehova, unguNkulunkulu (hhayi nje unkulunkulwana kodwa uNkulunkulu uqobo), abalandeli Bakhe (abaJuda ababengathintani nezithixo) bakholwa Nguye futhi bambiza kanjalo. UKristu wafakazela ubuNkulunkulu bakhe ngemimangaliso nangokuvuka Kwakhe kwabafileyo. Akukho okunye okungachaza kancono lamaqiniso.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ingabe ubuNkulunkulu bukaKristu buyangokwemibhalo na
© Copyright Got Questions Ministries