settings icon
share icon
Umbuzo

Kuyisono yini ukugembula? Lithini iBhayibheli ngokugembula?

Impendulo


iBhayibheli alikuchithi ukugembula, noma ukubheja kanye nokudlala ilotto. Kodwa iBhayebheli liyasicwayisa ukuthi siqaphele ukuthanda imali (1 kuThimothewu 6:10 amaHebheru 13:5)Izwi liyasigqugquzela ukuthi sibalekele yonke imizamo yokuceba masinyane (Izaga 13:11, 23:5;uMshumayeli 5 10) ukugembula ngempela kuyindlela eqonde ekuthandeni imali futhi imizamo nezithembiso zokuthola imali kalula. Yini engalunganga ngokugembula? ukugembula into enzima kakhulu ngoba uma ingenziwa ngokuqaphela kanti futhi kungasiwo umkhuba, imali eningi iyachithwa, kodwa ke abukho ububi lapho. Abantu bachitha imali ngemihlobo eminingi yokugembula.Kanti futhi uma sibona omabona kude abantu badla ukudla kwentengo ephezulu, bathenga izinto ezinganawo umsebenzi ngentengo ephezulu. Akufanelanga ukuthi simoshe imali. Uma sinemali eningi masiyigcine sibekele ikusasa lethu. Kungakuhle ukuthi imali yethu siyinikele umsebenzi weNkosi kunokuyifaka ekugembuleni.

Njengaloku iBhayibheli lingasho lutho ngokugembula, kanti futhi alisho futhi ngenhlanhla noma ukuthatha amathuba. Isibonelo, inkatho beyisetshenziswa ngamaLevi ukukhetha phakathi kwembuzi yomhlatshelo kanye nengesiyona yomhlatshelo. uJoshuwa wenza inkatha kaningi ukwabela isizwe umhlaba. uNehemiah wenza inkatha yokuba anqume ngubani uzohlala ngaphakathi kwemithangala yaseJerusalema. Abapostoli benza inkatha ukuvala isikhundla sika Judasi. Izaga 16:33 lithi inkatha iphonsiwa phansi, kodwa zonke izinqumo zivela kuNkulunkulu .

Lithini iBhayebheli ngezindawo ezifana namakhasino kanye neLotho? AmaKhasino asebenzisa zonke izimpawu zokumaketha ukubiza abantu abathanda ukugembula. Futhi banikeza utshwala bamahala ukuze bagqugquzele ubudwaka, loko kwenza abantu benze izinqumo ezingahlakaniphile. Yonke into ekhona eKhasino yenziwe ngeqophelo eliphezulu ukuze bamukele imali eningi kodwa abagembulako bangatholi lutho ngaphandle kokujabula nekuthokoza okungekho. Abe Lotho bazama ukuveza ngathi banosizo emphakathini, ukunceda izikole kanye nokunye kwenhlalonhle. Izifundo zisikhomba ukuthi abantu abadlala iLotho yilabo abanganayo imali. Isiqubulo ceba masishane sinokulinga nokuhaha labo abantu abafuna imali kakhulu. Kodwa ke kubonakala ukuthi yiphupho lelo, ngoba kugcina ukuthi abantu abaningi babe sengozini emangalisako.

Ingabe imali ye Lotho ingamthokozisa uNkulunkulu na? Abantu abaningi bathi uma bangabamba iLotho bazonikela enkonzweni noma bancede lapho kunesidingo khona. Lokhu kungabukeka kuyisifiso esihle, iqiniso ukuthi bambalwa abantu abanikela ngemali ye Lotho. Izifundo zikhombisa ukuthi abantu abawina iLotho basezinkingeni ezinkulu kakhulu emuva kwezinyanga ezimbalwa. Bayincosana abanikela imali ngenhloso efanele. Futhi uNkulunkulu akadingi imali yethu ukuhambisa umsebenzi wakhe. Izaga 13:11 lithi izwi imali eza ngobugebengu, iyasaphaka iphele kodwa ecokelelwa kancane kancane iNkosi iyayikhulisa. uNkulunkulu uSomandla uzobonelela izidingo zebandla ngendlela eqondile futhi eneqiniso. Ngabe uNkulunkulu uzothokoza ngemali yokuthengisa izidakamizwa noma imali etshontshwe ebangi ?ngempela ngeke. Kanye futhi akadingi imali eyebiwe kubantu abahluphekayo ekulingeni ukuba sicebe.

Okukuqala uThimothewu 6:10 lithi izwi, Imali iyimpande yesono sanoma uliphi uhlobo. Abanye abantu bangaze bayifele imali, baze basuka emseni nasekukholweni bazikhandla ngosizi nangenhlupheko amaHebheru 13:5 lithi izwi, Zigcineni nina nezimpilo zenu nikhululekile ekuthandeni imali nibe nokwaniliseka ngalokho eninakho, ngoba uNkulunkulu uthe, angeke nginishiye, futhi angeke nginidele uMatewu 6:24 Lithi izwi, Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Kungenzeka ukuba akhonze lena enye bese uzonda enye, noma uyozinikela kwenye iNkosi bese wedelela enye. Ngeke ukhonze kokubili unkulunkulu noma imali.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Kuyisono yini ukugembula? Lithini iBhayibheli ngokugembula
© Copyright Got Questions Ministries