settings icon
share icon
Umbuzo

Yini ukuba ngingazibulali?

Impendulo


Izinhliziyo zethu ziyabanga kakhulu ngalabo abafuna ukuceda izimpilo zabo. Manje ngingakhuluma ngemizwa, njengukuphelela ithemba nokukhandleka. Ungezwa ngathi usekujuleni okukhulu, ubese uyangabaza ukuthi ngabe likhona yini ithemba lobungcono. Uzibone ngathi akekho okunakayo futhi abaqondi isimo sakho. Impilo ibe muncu.

Uma uhluleka ukuthatha umzuzwane bese uvumela uNkulunkulu abe yiNkosi empilweni yakho. Ukuvezela ukuthi Mkhulu kangakanani, Ngoba akukho okwenzeki ku Nkulunkulu. (Luka 1; 37). Mhlawumbe izinhlupheko ondlule kuzo zenza ukuth uzibone ngathi udelwe izwe. Loko kungaholela ukuthi uzizwele ubuhlungu, ube nentukuthelo, ubumuncu, ube namavundla, imicabango emibi kanye nemizindlo emibi abange ukuba ube nezinkinga ebudlelwaneni.

Kungani ungazibulali? Mhlobo wami noma izinto zingaba zimbi kangakanani emplilweni yakho, uthando luka Nkulunkulu lukulindele ukuholela emihumeni yokuhlupheka bese lukuholela ekukhanyeni okumangalisayo. Uyithemba lakho leqiniso. Igama lakhe nguJesu.

Lo nguJesu indodana kaNkulunkulu enganasono, uyakwazi wena ngezikhathi zenhlupheko nokuzingelwa. Umprofethi u Isaya 53 ivesi 2 6 ubhale ngaye wathi. Indoda eyadelelwa futhi yazingelwa yibo bonke abantu. Impilo yakhe beyigcwele usizi nokuhlupheka.Kodwa lobunzima owayebuthwele kungesibo bakhe, bokungobethu. Wahlatshwa, walinyazwa futhi wakhishwa amanxeba ngenxa yeziphambeko zethu. Ngenxa yokuhlupheka kwakhe, sesikhululekile ngempela senziwa abangcwele.

Bangani, uJesu wahlupheka ukuze izono zethu zithethelelwe. Yazi ukuthi noma zingasinda kangakanani. uJesu sekakuthethelele.Uzokuthethelela uma uzithoba umamukela njengo Msindisi. Mbize ngosuku lokuhlupheka, uzokukhulula (Amahubo 50; 15) Akukho okwenzile okubi emehlweni ka Jesu ukuba akuthethelele. Abanye abakhozi bakhe benze izono ezinkulu njengoMose wabulala, UDavide umbulali nesiphingi. Umphostoli Pawula unolaka nokuhlukumeza. Kodwa bathola inthethelelo nempilo entsha enekuchichima. Ngakhoke uma umuntu eku Krestu, uyisidalwa esisha, konke okudala kudlulile, okusha sekufikile. (2 Abase Khorinte 5; 17)

Kungani ungazibulali? Mngane uNkulunkulu uthanda ukuthi alungise loku okuphukile. Kafushane impilo onayo manje, lempilo ofuna ukuyiceda. Incwadi ka Isaya 61; 1 3, uthi umprofethi. Inkosi inginqobele ukuba ngishumayele izindaba ezimnandi kubo bonke abahluphekile. Ungithumile ukuba ngiduduze abaphukile emoyeni, ngimemezele ukukhululwa kwababoshiweyo ebumnyameni okukhulu nokubakhulula etilongweni., ngimemezele unyaka weNkosi, nokududuzwa bonke abadabukileyo nokuletha ithemba nobuhle bomqhele nokususa komlotha, bagqotshiswe ngamafutha enjabulo nentokozo kunokukhala, bambathiswe ngengubo yezibongo kunomoya wokungathokozi.

Woza kuJesu futhi mvumele avuselele intokozo kanye nokuqala umsebenzi omusha empilweni yakho. Uthembisile ukuvuselela injabulo ekulahlekele abase akunika umoya omusha nokuqhubekela phambili. Inhliziyo yakho edabukile iyigugu kuye. iminikelo kaNkulunkulu kuyimiphefumulo edabukileyo; inhliziyo emuncu nedabukile, uNkulunkulu angeke akujabhise (amaHubo 51; 12, 15 17)

Uyafisa yini ukwamukela iNkosi njengoMsindisi noMelusi? Uzoqondisa izinyathelo zakho usuku ngosuku - Ngezwi lakhe, iBhayibheli, Ngizokuqondisa ngikufundise indlela ofanele uhambe ngayo. Ngizokululeka ngibheke impilo yakho yonke, (amaHubo 32;8). Uzoba yisisekelo esiyiso ngazo zonke izikhathi, inqolobane ecebile yensindiso, ulwazi nokuqonda; Ukusaba uJehova isihluthulelo somqhelo wakhe. (Isaya 33; 6). KuKrestu uzoba nezinhlupheko kodwa uzoba nethemba Elisha. Ungumngane useduze ukwedlula umfowenu. (Izaga 18; 24) Ingathi umusa weNkosi uJesu ube nawe ngesikhathi sezinqumo.

Uma ufisa ukuthemba uJesu Krestu njengo Msindisi, Khuluma lamazwi enhlizweni yakho kuNkulunkulu; Nkulunkulu, ngiyakudinga empilweni yami. Ngithethelele zonke izono zami. Ngilethe ukukholwa kwami ku Jesu Krestu futhi ngiyakholwa ukuthi unguMsindisi wami. Ngihlanze Nkosi, Ngipholise, Vuselela intokozo yami ekuphileni kwami. Ngiyabonga ukwazi ukuthi uyangithanda futhi uJesu wangifela ngenxa yeziphambeko zami.

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Yini ukuba ngingazibulali
© Copyright Got Questions Ministries