settings icon
share icon
Umbuzo

Ngubani inkosikazi kaKhayini? Ubuya kuphi umka Khayini?

Impendulo


iBhayebheli alisho ngqo ukuthi ngubani inkosikazi kaKhayini. Kungenzeka ukuthi uKhayini ushade nodade noma umzala wakhe noma omunye wabadala kakhulu. Alisitsheli futhi ukuthi wayeneminyaka emingaki uma ebulala uAbel. (uGenesisi 4; 8) Njengaloku babengabalimi kusho khona ukuthi besebakhulile, mhlawumbe bebenemindeni yabo. Emuva kokufa kuka Abel uEva wazala abanye futhi abantwana abaningi. Ngempela baba nabantwana abanye (uGenesisi 5; 4).

Kuyiqiniso ukuthi uKhayini wabaleka emuva kokuthi ebulele u Abel (Genesisi 4 14) izwi leNkosi lisikhomba ukuthi beba khona abanye abantwana futhi nabazukulu ngesikhathi sokuphila kuka Adam no Eva. (Genesisi 4; 17) Unkosikazi ka Khayini waye yindodakazi noma umzukulu ka Adamu no Eva.

Njengalokhu uAdam no Eva bebangabantu bokuqala, abantwana babo benganandlela enye kodwa baganane. uNkulunkulu akazange akuvimbele ukushadana ningumndeni kwaze kwafika isikhathi lapho umhlaba ugcwele abantu uNkulunkulu wabese uyanqabela ukushadana ningumndeni. (Ulevitikusi 18; 6 18) Namhlanje akuvunyelwe ukuba abantwana bomuntu munye noma begazi linye bashadane ngoba igazi liyafana lokho kubanga ukuthi ingane ingazalwa nobuthakathaka. Uma abantu bavela emindenini ehlukene, akulula ukuthi batholakale benegazi elibuthakathaka bobabili. Ubuthakathaka begazi buye bakhula njengalokho isikhathi siya phambili, siphindaphindile, sanda saze sandlulela kulesisizukulwane. uAdam no Eva bebanganabo ubuthakathaka egazini labo lokhu kwenza ukuthi inzalo yabo yokuqala yaba namandla kanye nemplilo enhle kuneyalesi sizukulwane. uAdam no Eva baba nobuthakathaka obuncane, umu bebukhona, ubuthakathaka begazi. Ngenxa yalokho bekungana ngozi ukushadana esizukulwaleni sabo.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ngubani inkosikazi kaKhayini? Ubuya kuphi umka Khayini
© Copyright Got Questions Ministries