settings icon
share icon
Umbuzo

Ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu ngempela na? Ngingazi kanjani ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ngempela?

Impendulo


Siyazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ngempela ngoba uzivezile kithi ngezindlela ezintathu: Endalweni, eZwini Lakhe, futhi naseNdodaneni Yakhe uJesu Kristu.

Isibonakaliso esisobala sobukhona bukaNkulunkulu yilokho akwenzile. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze kungabi-nakuzilandulela (kwabangakholwayo) (KwabaseRoma 1:20). Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayeza umsebenzi wezandla zakhe (Amahubo 19:1).

Uma bengingathola iwashi lesandla phakathi nensimi, bengingeze ngacabanga ukuthi livele lazivelela nje, noma ngicabange ukuthi belivele likhona. Ngokubheka isakhiwo sobuchwephesha saleliwashi ngingacabanga ukuthi ukhona umkhandi walo. Ngibona ubuchwepheshi obukhulu ekwakhiweni komhlaba wonke. Ukukala kwethu isikhathi asikususeli ewashini, kodwa emsebenzini kaNkulunkulu ukuzungeleza okungaphuthiyo komhlaba (namandla avela ezintwaneni zemvelo ezibizwa ngokuthi yicesium-133 atom). Amazulu akhombisa lobuchwephesha besakhiwo sawo, esikhomba ukuthi ukhona uMakhi wawo omkhulu.

Uma ngifumana umlayezo obhalwe ngolimi engingaluqondiyo, ngingafunisisa olwaziyo lololimi ukuba angisize angichazele umlayezo. Ngingavele ngicabange ukuthi lowo owuthumele lomlayezo unokuhlakanipha kokwazi lololimi.Igazi lethu lithwele amasotsha enziwe ngendlela exakileyo enza ukuba umuntu angafani nomunye kodwa abe nguye nje. Ingabe lokho akusitsheli ukuthi ukhona umakhi wawo owanikeza umlayezo ukuba asebenze kanjani?

Akusikho kuphela ukuthi uNkulunkulu wenze ngendlela exakileyo nangobuchwepheshi lomhlaba esihlala kuwo, kodwa ubuye wafaka ukujula kwephakade entliziyweni yomuntu ngomuntu (UmShumayeli 3:11). Phakathi ekujuleni koMuntu kunokungaphezu kokuphila nje, kodwa kunokuphilayo ngaphezu kwempilo yasemhlabeni kwemihla ngemihla. Ukuzizwela ekujuleni kwentliziyo ngephakade kithi kuziveza ngezinto ezimbili: ukwakha/ukushaya umthetho nokukhonza.

Onke amasiko omhlaba emlandweni anemithetho yokuziphatha eminye yayo efanayo esikweni ngesiko. Isibonakaliso kungaba wuthando olumqoka mhlba-wonke, kanti ukuqamba amanga kuyichilo mhlaba-wonke. Lokhu kuqonda kunye mhlaba-wonke kokwazi okubi nokuhle kukhomba ukuthi ukhona omkhulu ongoLungileyo okususelwa kuye

Ngendlela efanayo, abantu emhlabeni wonke, noma bevela kuliphi isiko banakho ukukhonza okuthile kwabo. Injongo yalokho kukhonza kungehlukahlukana, kodwa kukhona ekujuleni koMuntu ukuthi akhona aMandla angaphezulu. Lokhu kukhonza kwethu kukhombisa obala ukuthi uNkulunkulu wasidala ngomfanekiso wakhe (UGenesise 1:27).

UNkulunkulu uziveza futhi ngeZwi Lakhe, iBhayibheli. Emibhalweni ubukhona bukaNKulunkulu bubonakaliswa njengobufakazi obusebaleni (UGenesise 1:1; UEksodusi 3:14). Ngenkathi uBenjamin Franklin ebhala ibhuku ngempilo yakhe akazange achithe isikhathi ukwezama ukubonakalisa ubukhona bakhe. Ngokunjalo ke, noNkulunkulu akachithi-sikhathi ezama ukuziveza eZwini Lakhe. Amandla eBhayibheli nje ewodwa aguqula impilo yomuntu, ubuqiniso balo, nezimangaliso ezalandela ukubhalwa kwalo kwenza ukuba ibe yincwadi efanelekile ukubhekisiswa.

Indlela yesithathu aziveza ngayo uNkulunkulu enguNkulunkulu kuseNdodaneni Yakhe uJesu Kristu (NgokukaJohane 14:6-11). Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkuluuLizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu (NgokukaJohane 1:14). KuJesu Kristu kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu (KwabaseKolose 2:9).

Empilweni emangalisayo kaJesu, wagcina umthetho weTestamente elidala wonke, futhi wagcwalisa zonke iziprofetho ngoMesiya (NgokukaMathewu 5:17). Wenza imisebenzi eminingi yesihawu nemimangaliso ukubonakalisa nokuqinisekisa umlayezo Wakhe nokufakazela ubuNkulunkulu ayibona (NgokukaJohane 21:24-25). Emva kwezinsuku ezintathu emva kokubethelwa Kwakhe, wavuka kwabafileyo, elingelinye lamaqiniso afakazelwa ngofakazi abaningi (I KwabaseKorinte 15:6). Lomlando ugcwele ubufakazi bokuthi uJesu ungubani. Njengokusho kukaPawulu umpostoli, Lento ayenzekanga ekusithekeni (Izenzo 26:26).

Siyaqondq ukuthi bakhona labo abayohlala bengakholwa bengabaza futhi banemiqondo yabo ngoNkulunkulu baze bafunde ubufakazi ngendlela efanele. Kanti bakhona futhi nalabo abangeke baze bemukele noma ngabe yibuphi ubufakazi obungavezwa (AMahubo 14:1). Konke kuya ngokukholwa (AmaHeberu 11:6).

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu ngempela na? Ngingazi kanjani ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ngempela
© Copyright Got Questions Ministries