settings icon
share icon
Umbuzo

Iyini Imithetho Emine yakoMoya?

Impendulo


Imithetho eMine yakoMoya iyindlela yokushiyelana noma ukuhlephulelana izindaba ezinhle zensindiso etholakala ngokukholwa kuJesu Kristu.Lena yindlela elula yokuhlela kahle okusemqoka okuqukethwe yiVangeli phansi kwamaphuzu amane.

UMthetho wokuqala yilo: Unkulunkulu uyakuthanda futhi unohlelo oluhle ngempilo yakho. Indimana ngokukaJohane 3:16 ithi, Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. NgokukaJohane 10:10 usinika isizathu sokuza kukaJesu; mina ngize ukuba babenokuphila, babenakho kuchichime. Yini esivimbela ukuba sithole uthando lukaNkulunkulu? Yini esivimbela ukuba singabinokuphila okuchichimayo na?

UMthetho wesibili yilona: Uluntu lonke lungcoliswe yisono ngaleso sizathu lwehlukene noNkulunkulu. Umphumela walokho ukuthi, asisoze sakhona ukwazi uhlelo oluhle lukaNkulunkulu ngezimpilo zethu. KwabaseRoma 3:23 ifakazela lokhu ngokuthi, Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu. KwabaseRoma 6:23 yona isinika imiphumela yesono, Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa. Unkulunkulu wasidalela ukuba sibenobudlelwane Naye. Kodwa Uluntu lwaletha isono emhlabeni, okweza ukuthi lwehlukane noNkulunkulu. Singabantu sibubhidlizile ubudlelwane Naye (UNkulunkulu) ayejonge ukuthi sibe nabo. Yini impendulo yalokhu?

UMthetho weSithathu wakoMoya uthi, UJesu Kristu uyisipho sikaNkulunkulu asinikelela isono sethu. NgoJesu Kristu, izono zethu zingathethelelwa kubuyiseleke ubudlelwane obulungile phakathi kwethu noNkulunkulu. KwabaseRoma 5:8 isitshela ukuthi, Kepha Unkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe kithi ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. I KwabaseKorinte 15:3-4 isazisa ngesidinga ukukwazi futhi sikukholwe ukuze sisindiswe, ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo. UJesu qobo lwakhe uthi yena uyiyona ndlela yensindiso. Encwadini ngokukaJohane 14:6 uthi, Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Ngingasithola kanjani lesipho esihle kangaka sensindiso?

UMthetho weSine wona uthi, Asibeke ukukholwa kwethu kuJesu Kristu onguMsindisi ukuze samukeliswe isipho sensindiso futhi sazi uhlelo oluhle lukaNkulunkulu ngempilo yethu. NgokukaJohane 1:12 isichazela kahle ukuthi, Kepha bonke abamemukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe. Izenzo 16:31 icacisa kamhlophe uma ithi, Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa.! Singasindiswa ngomusa kuphela, ngokukholwa kuphela kuJesu Kristu yena yedwa (Kwabase-Efesu 2:8-9).

Uma ufuna ukwethembela kuJesu Kristu abe nguMsindisi wakho, shano lamagama alandelayo kuNkulunkulu: Khumbula ukuthi ukusho lamagama noma amanye afana nawo angeke kukusindise esonweni. Ukwethembela kuJesu Kristu ngokuphelele okungakukhulula esonweni. Lomthandazo yindlela nje elula yokuthululela kuNkulunkulu ukukholwa kwakho nokumbonga ngokukupha insindiso. Thandaza ke uthi:"Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje isono sami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nokuthethelela okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Iyini Imithetho Emine yakoMoya
© Copyright Got Questions Ministries