settings icon
share icon
Umbuzo

Kubaluleke ngani ukubhaphatiswa?

Impendulo


Impendulo Umbhapahtiso wamaKrestu , ngokuya kwezi, Ubufakazi bomuntu ongaphandle okhombisa ukuthi kwenzekeni ngaphakathi kwempilo yokholwayo. Umbhaphatiso wamaKrestu ikhombisa uphawu lamaKrestu ekuhlanganyeleni nokufa kwakhe, ukungcwatshwa kanye nokuvuka kwabafileyo. Lithi IBhayibheli Anazi yini ukuthi sonke asibhaphathizwe noKrestu sibhaphathiselwe kanye nokufa kwakhe? Thina singcwatshe kanye noKrestu embhaphathisweni ukuze njengalokhu uKrestu wavuka kwabafileyo ngenkazimulo kaBaba, nathi singaphila impilo entsha (AbaseRoma 6:3 4) Umbhaphathisweni wamaKrestu, isenzo sokufaka umzimba wonke emanzini uphawu lokuthi sifa kanye noKrestu. Ukuphuma emanzini isenzo sokukhombisa ukuvuka kanye noKrestu.

Kunezinto ezimbili okufanele siziqonde njengamaKrestu:1) Umuntu obhaphathiswayo fane athembe uJesu Krestu njengoMsindisi, bese 2) Kufanele azi ukuthi umbhaphathiso usho ukuthini. Uma umuntu azi uJesu njengoMsindisi,Aqonda ukuthi umbhaphatiso isinyathelo sokulalela kanye futhi nokusho phambi kubantu ukuthi uyakholwa kuKrestu, futhi uyafisa ukubhaphathiswa ngokunjalo asikho isizathu sokungafuni ukubhaphatiswa. Ngokuya kwezi likaNkulunkulu, kubalulekile ukubhaphatiswa ngoba kukhombisa ukulalela nokusha phambi kwabantu bonke ukuthi ukholwa kuKrestu nokuzinikela kuye ukuhlanganyela ekufeni kukaKrestu, nokugcwatshwa kanye nokuvuka kwakhe.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Kubaluleke ngani ukubhaphatiswa
© Copyright Got Questions Ministries