settings icon
share icon
Umbuzo

Lithini iBhayibheli ngokuzidweba noma ukubhoboza umzimba?

Impendulo


Lithi izwi likaNkulunkulu eTastementini elidala umyalo kubantwana baka Israyeli Ningazibhobozi imizimba yenu noma noma ukudweba imizimba noma uphawu emzimbeni yenu: Mina nginguNkulunkulu. (Abalevitekusi 19:28) Noma abazalwane balesisivumelwane abasekho emthethweni wesivumelwane esidala (AbaseRoma 10:4, AbaseGalathiya 3: 23 25: AbaseEfesu 2: 15) Njengaloku uNkulunkulu wanika umyalo ongavumeli ukuzidweba emzimbeni kusinikeza umbuzo omkhulu. iTastementi Elisha alisho lutho ukuthi umuntu okholwayo angazidweba noma qha.

Mayelana nokuzidweba noma ukuhlaba umzimba wakho, okubalulekile ukuthi unembeza wethu uyavuma yini ukuthi, ngempela ekwenza konke loku kunenhloso enhle na. noma uyadla noma uyaphuza kodwa okwenzayo makwenziwe ngokuletha udumo kuNkulunkulu (1 AbaseKorinthe 10:31). iTastamenti Elisha alisho lothu ngokuzidweba noma ukubhoboza umzimba kodwa futhi alisiniki isizathu sokukholwa uNkulunkulu angasivumela ukuba sizidwebe noma sibhoboze imizimba yethu.

Kuyo yonke imigomo kaNkulunkulu nezwi likaNkulunkulu alisho lutho ngalesisihloko futhi nathi sivama ukungabaza ukuthi uNkulunkulu uyathokoza ngalesisenzo, ngakhoke kungcono ukuthi ungahlanganyeli kuwo lomkhuba. AbaseRoma 14: 23 Izwi likaNkulunkulu lithi sonke isenzo asingaveli ekukholweni isono. Sidinga ukukhumbula ukuthi imizimba yethu, nomphefumula ihlengiwe futhi eyakaNkulunkulu. Noma ke 1 AbaseKorinthe 6: 19 20 akasho lutho ngokuzidweba noma ukubhoboza umzimba, lzwi lisinika umgomo Anazi yini ukuthi imizimba yenu ithempeli lomoya oyingcwele, okhona ngaphakathi kwenu, anuwamukel ovela kuNkulunkulu. Nina anisaziphileli, nithengwe ngentengo emangalisayo. Ngakhoke hloniphani uNkulunkulu ngemizimba yenu. Uma imizimba yethu ingeyaka Nkulunkulu nganjalo sidinga isqiniseko kuNkulunkulu nemvumo phambi kokuthi senzo uphawu emizimbeni yethu ngokuzidweba nokubhoboza imizimba yethu.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Lithini iBhayibheli ngokuzidweba noma ukubhoboza umzimba
© Copyright Got Questions Ministries