settings icon
share icon
Umbuzo

Lithini iBhayebheli ngokuya oncansini phambi kokushada?

Impendulo


Alikho igama lesi Griki noma isi Heberu elisetshenziswa e Bhayebhelini maqondana nendaba yocansi. iBjhayibheli alivumi ukuthi kube nobufebe noma ukuphinga, kodwa ke ucansi phambi komshado ngabo kungukuphinga na? Ukuya 1 AbaseKorinthe 7:2, yebo impendulo ichachile:Ngenxa yobuphingi obuningi, kungcono ukuthi yiloyo naloyo azithatheli unkosikazi wakhe, nowesifazane abe nendoda yinye. 1 AbaseKorinthe 7:2 lithi izwi njengalokhu umuntu engakwazi ukumelana nentshisakalo yenyama kanye futhi kunokuphinga okuningi, kungcono abantu bashade. Kuzogcwaliseka intshisakalo yabo ngendlela efanele.

Njengalokho ! AbaseKorinthe 7:2 kuyaqaqa ukuthi ucansi phambi kokushada kusenzo sokuphinga, Wonke amavesi ayokuchitha ukuphinga njengaloku ucansi phambi kokushada kuyisono. Indaba yocansi phambi komshado itholakala encazelweni yezwi likaNkulunkulu. Kunezincwadi eziningi ezichaza ukuthi lokhu kuyisono (Izenzo 15:20, 1Abasi Korinthe 5:1, 6:13, 18:10:8. 2:2 AbaseKorinthe 12:21, Galathiya 5:19;AbaseKolose 3:5, AbaseThesalonika 4:3; Juda 7) iBhayebheli lisifundisa ukuthi sizigcine ocansini phambi kokushada. Ucansi phakathi kwendoda nomfazi ubuhlobo abuvunyelwa nguNkulunkulu (AmaHebheru 13 :4).

Kaningi empilweni sibheka ucansi njengenjabulo kodwa singabheki ukuthi kunengozi engakanani. Ucansi lapho kushadwe khona kuyathokozisa, futhi uNkulunkulu uhlele njalo umshado. uNkulunkulu ufisa ukuthi amadoda namakhosikazi athokoze ngocansi ikakhulu lapho kushadwe khona. Izihlabelelo zezihlabelelo kanye nezinye izincwadi (njeZaga 5:19) ichaza kahle ubunmandi bocansi. Kanye futhi abashadile mabaqonde ukuthi uNkulunkulu inhloso yocansi futhi ukubelethe iizingane. Ngakhoke, ucansi phambi kokushada isono kabili ngoba bengana entokozweni engabamelanga, futhi bathatha isinyathelo sokubeletha ngaphandle komndeni ngoba uNkulunkulu uhlose ukuba wonke umntwana abe semndenini.

Ngokujwayelekile akushiwo ukuthi kuyiqiniso noma iphutha. Uma I Bhayibheli nomlayezo wokungangeni ocansini phambi komshado, nezifo zokkuthathelana ezibangwa ucansi ngeke zibekhona, nokukhishwa kwesisu, nezingane ezithola izisu zingashadanga, kanye nakubanga ukuthi izingane zikhule zinganabo abazali ababili ezimpilweni zabo, Konke lokhu kungagwemiwa. Ukuzigcina indlela kuphela kaNkulunkulu futhi kungumgoma kaNkulunkulu. Ukuzigcina kusinisa izimpilo, kuvikela izingane, kunikeza ubudlelwane bocansi ngendlela efanele kodwa okukhulu kunakho konke, Sihlonipha uNkulunkulu.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Lithini iBhayebheli ngokuya oncansini phambi kokushada
© Copyright Got Questions Ministries