settings icon
share icon
Umbuzo

Lithini iBhayibheli ngokweshumi kumaKrestu?

Impendulo


Amakholwa amaningi ayahluleka uma kufika kokweshumi. Kwamanye amabandla ikhulunyiswa kakhulu. Amanye amakholwa ayahluleka akuyifeza lenkonzo. Ukunikela nokweshumi fanele kukhishwe ngokuthokoza. Kodwa ngeshwa akunjalo emabandleni wethu.

Ukweshumi kuvela eTastementini elidala. Okweshumi kwakuyinkonzo ekufanele amaIsrayeli akhiphe okweshumi kwesivuno sabo noma imfuyo yabo balethe endlini kaJehova / eThempeleni. (AmaLevi 27:30 uNumeri 18:26;uDetoronomi 14:24:2 iziKronike 31:5) eTastementeni elidala leminikelo beyivela ngokuphindiwe omunye wabaLevi, omunye usebenza eThempeleni kanye nemigidi omunye wokunakekela abampofu - bewufika ku 23.3 %. Abaningi bathi iTastementi elidala bekuyindlela yentela yokunakekela abapristi namaLevi kanye neminikelo yokushiswa.

iTastementi elidala alisitsheli lutho ngokweshumi njengomthetho. Alikhulumi ngokweshumi kodwa lithi izwi ngokuya kwenhlanhla yakho. Ukunikela kwakho makuye ngenani lemali oyitholayo. (1 abaseKorinthe 16:2) Amabandla amaningi wamakholwa athethe le 10 % evela eTastementeni elidala nje ngesilinganiso kumaKrestu ukuze anikele.

iTestamenti Elisha likhuluma ngokubaluleka kanye nokutholayo uma unikela. Kufanele sinikele ngesilinganiso samandla wethu. Kwesinye isikhathi sinikele 10 % noma kungaba ngaphansi. Kuya ngekhono lamakholwa noma ngesidingo sebandla. Kubalulekile ukuthi yiloyo naloyo fanele anikele ngokuzimisela futhi ukhuleke kuNkulunkulu akunike ukuhlakanipha kulenkonzo (Jakobe 1:5). Ngaphezu kwakho konke uma unikela wokwenza ngenhliziyo enhle nangomgomo omuhle wokukhonza uNkulunkulu nenkonzo epheleleyo emzimbeni kaKrestu. Yilowo nalowo makanikela kuya ngokuvuma kwenhliziyo yakhe, kungabi ngukugcindezelwa noma okuzenzisa, ngokuba uNkulunkulu uyathanda inhliziyo enikela ngokuthokoza (2 abase Korinthe 9:7).

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Lithini iBhayibheli ngokweshumi kumaKrestu
© Copyright Got Questions Ministries