settings icon
share icon
Umbuzo

Kwenzekani emuva kokufa?

Impendulo


Phakathi kwethu aMakholwa wobuKrestu, kunekudideka okuningi ngokuthi kwenzekani emuva kokufa. Abanye bathi emuva kokufa sonke siyalala kuze kuba usuku lokwahlulela kokogcina, emuva kwalokho wonke umutu uzothunyelwa eZulwini noma eSihogweni. Abanye bathi uma uqeda ukufa, uyagwetshwa bese uthunyelwa lapho bewusebenzela khona. Abanye bakholwela ukuthi uma umuntu efa umphefumulo noma umoya wakhe uthunyelwa endaweni yokulinda okwesikhashana iZulu noma iSihogo, ukulindela ukuvuswa kokugcina, nokwahlulelwa kokugcina nendawo yabo yokugcina. Lithini iBhayibheli ngokwenzeka emuva kokufa?

Okokuqala, Abakholwa iNkosi uJesu Krestu, Izwi likaNkulunkulu lithi emuva kokufa abakholwayo imimoya noma umphefumulo uthathwa uye eZulwini ngoba izona zabo zithethelelwe ngokwamukele uJesu njengoMsindisi (uJohane 3; 16, 18; 36). Ngokuba ukufa kwabakholwayo ukusuka emzimbeni bese siya ekhaya siyoba neNkosi. (2 AbaseKhorinthe 5; 6- 8; AbaseFiliphi 1; 23). Kodwa ke izahluko ezinjengo 1 AbaseKhorinthe 15; 50- 54 ne 1 BaseThesalonika 4; 13 17 ichaza ukuthi abakholwayo bazovuswa banikwe imizimba ekhazimusilweyo. Uma abakholwayo bazobanoKrestu emuva kokufa, Iyini inhloso yokuvuka kwabafileyo? Kungathi lapho umoya noma umphefumulo wabakholwayo uya kuKrestu masinyane, umzimba wenyama uhlala ethuneni ulele.

Ekuvusweni kwabakholwayo, umzimba wenyama uyavuswa, ukhazimuliswe bese uhlanganiswa nomoya noma umphefumulo. Umzimba ohlanganisiwe nokhazimulisiwe kuba umzimba umoya umphefumulo uzonikezwa abakholwayo kuze kube phakade emazulwini amasha kanye nasemhlabeni omusha. (Isambulo 21 24)

Okwesibili, kulabo abangakamukelanga uJesu njenkosi nomsindisi, ukufa kusho ukujeziswa kuze kube phakade. Kodwa ke, njengephakade lamakholwa, abangakholwa nabo kubonakala ngathi nabo emuva kokufa bathunyelwa endaweni yokulinda yesikhashana, balindele ukuvuswa kwabafileyo, ukugwetshwa, kanye nephakade labo, incwadi kaLuka 16; 22 23 ichaza umuntu wesicebi ukuthi wahlukumezeka masinyane emuva kokufa kwakhe. iSambulo 20; 11 15 uchaza ukuthi nabo abangazange bakholwa bazovuswa kwabafileyo, bahlulelwe esihlalweni esikhulu sobukhosi, futhi baphonswe echibini elikhulu lomlilo. Abangakholwa abathunyelwa esihogweni masinyane kodwa bayakwahlulelwa nokujeziswa. Ngakhoke, noma abangakholwayo abaphonselwa echibini lomlilo kodwa bona bayakhandleka kakhulu. Sibona ngesicebi esakhala, Mina ngisosizini olukhulu kulomlilo (uLuka 16; 24).

Ngokunjalo, emva kokufa umuntu uhlala endaweni yokulinda yesikhashana iZulu noma isiHogo. Emva kwalendawo yesikhashana, ukuvuka kokugcina, iphakade lakho ngeke laguquka. Indawo ye liphakade iyona eguqukayo. Abakholwayo ibona abanelungelo lokungena emazulwini amasha noma emhlabeni omusha.(Isambulo 21; 1). Abangakholwa bazothunyelwa echibini lomlilo. (iSambulo 20; 11 15). Lezi izindawo zokugcina zabantu - lokhu kuyokhethwa yibona abantu ukuthi bamukele uJesu Krestu yedwa njengo Msindisi (uMatewu 25; 46; johane 3; 36)

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Kwenzekani emuva kokufa
© Copyright Got Questions Ministries