settings icon
share icon
Umbuzo

Yini isiphiwo sokukhuluma ngezilimi?

Impendulo


Isikhathi sokuqala sokukhuluma ngezilimi saba ngosuku lwePentekosi ku Zenzo 2:1 4.Abapostoli baphuma ukushumayela ivangeli bakhuluma nezixuku kodwa bakhuluma ngolimi lwabo. sibazwili bekhuluma ngamandla kaNkulunkulu kodwa bekhuluma ngolimi lwethu (Izenzo 2:11). IsiGriki uma sichaza ulimi sisho ulimi olikhulumayo. Ukukhuluma ngezilimi lisho ukukhuluma ulimi ngendlela yokuthi umuntu akuzwe ngoba ukhuluma ulimi lwakhe. Ku abaseKorinthe 12 14, uPawula ukhuluma ngemisebenzi yamandla ethi, manje, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, kuzoba usizo yini kini, ngaphandle kokuthi ngilethe isambulo noma ulwazi noma izwi lokuqondisa? (1 abaseKorinthe 14 6) Ngokuya ko mpostoli uPawula, ukuchaza izilimi ngokwe ncwadi yeZenzo, ukukhuluma ngezilimi kuyinzuzo kuloyo ozwa umyalezo kaNkulunkulu ngolimi lwakhe kodwa akunalo usizo uma kungekho oluhumushayo.

Umuntu onekhono lokuchaza izilimi nokuzihumusha (1 abaseKorinthe 12 30) uyakwazi ukuqonda ulimi olukhulunywayo noma ulimi angalazi. Ohumusha izilimi unekhona lokuchaza konke okukhulunyiwe bese utshela bonke abantu, ukuze bonke baqonde. Ngalokho wonke okuluma ngezilimi makakhuleke ukuthi abe nekhono lokuzihumusha. (1 abaseKorinthe 14;13). uPawula ugcina ngokuthi izilimi ezingahumushangwa zinamandla:Kodwa ebandleni ngingamane ngikhulume amagama amahlanu azwakalayo ukuyala abanye kunokukhuluma amagama ayizinulungwane eziyishumi ngezilimi (1 abase Korinthe 14 19)

Iziphiwo zezilimi namhlanje?abseKorinthe 13 :8 lithi izwi iziphiwo zezilimi zizophela, lokhu kukhomba ukuqala noma ukufika kokupheleleyo ku 1 abaseKorinthe 13 10 abanye baveza ukwehlukana ngokuya kwezenzo ezikhombisa ukuprofetha noma ukwazi okupheleleyo Noma singaqondi kahle ukuthi lisho ukuthini lelizwi. Abanye baveza ukuthi uIsaya 28 11 no Juweli 2:28 29 ukukhuluma ngezilimi wuphawu lokuza kokwahlulela kukaNkulunkulu. 1 abase Korinthe 14 22 izilimi uphawu kubantu abangakholwa . Ngokuya kwamaphuzu athile uNkulunkulu ubetshela amaJuda ukuthi uzobahlulela ngoba benqaba ukwamukela uJesu Krestu njengo Mesaya. Ngakhoke, uma uNkulunkulu ahlulela uIsrayeli (Ngokuchitha iJerusalema ngamaRoma ngo A.D 70) Isiphiwo sezilimi singeke sisaveza inhloso yaso. Nanoma lombono ungaba yiqiniso, ukuvezwa kwezilimi nokugcwaliseka ukuvezi ukuphela kwazo. Izwi likaNkulunkulu alivezi ukuthi izilimi zizophela.

Ngokunjalo uma izilimi zisenamandla ebandleni namhlanje, zizosetshenziswa ngokuvumelana nezwi. Kuzoba ulimi oluzwakalayo (1 abaseKorinthe 14 10) Kuzoba inhloso yokuxhumana ngezwi likaNkulunkulu nabantu bolunye uhlobo (iZenzo 2:6 12) Kuzohambela nesivumelwano uPawula enikwe nguNkulunkulu, Uma kukhona okhuluma ngezilimi makube ngababili noma abathathu kodwa nabo makukhulume munye ngesikhathi esisodwa bese omunye uyahumusha. Uma kungekho ohumushayo, okhuluma ngezilimi makathule noma azikhulumele noNkulunkulu wakhe (1 abaseKorinthe 14:27 28) Kuhambelana nencwadi 1abaseKorinthe 14 - 33, Ngokuba uNkulunkulu akusiyona iNkosi yokuhlangahlangana, kodwa ukuthula, njengalokho ayikho kuwo onke amabandla nabangcwele .

uNkulunkulu uyamnika ngempela omunye omuntu isiphiwo sezilimi ukuze akwazi ukuxhumana nabanye abantu bezinye izilimi. Umoya oyingcwele unamandla okusipha iziphiwo zezelimi (1 abaseKorinthe 12:11). Ake ucabange ukuthi abavangeli namamishinari boba nomkhiqizo omangalisayo uma befika endaweni bangachithi isikhathi befunda ulimi esikoleni, bebafika bakwazi ukukhuluma ulimi masishane. Kodwa kubonakala ngathi uNkulunkulu akakwenzi lokho. Izilimi azenzeki njengalokhu zenzeka eTastementini Elisha, kuyabonakala ukuthi bekuzoba inzuzo emangalisayo.Iningi lamakholwa alikhuluma ngezilimi abenzi lokhu ngokuvumelana neBhayebheli. Loku kusiholela esivumelwaneni sokuthi iziphiwo zezilimi sesiphelile noma asisatholakali ohlelweni likaNkulunkulu kubandla lanamhlanje.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Yini isiphiwo sokukhuluma ngezilimi
© Copyright Got Questions Ministries