settings icon
share icon
Umbuzo

Iyiphi inkolo engilungele mina?

Impendulo


Izitolo ezithengisa ukudla zisidonsela kuzo ngokusivumela ukuba sizikhethele ukudla esikuthandayo, kulungiswe ngendlela yethu esiyikhethileyo. Ezinye zalezitolo ziziqhenya ngezintlobontlobo zokudla noma amkofi ahlukene esingakhetha kuwo. Noma sizithengela izimoto noma izindlu, sikhetha lezo ezinezinto esizidingayo nesizithandayo. Asiphili esikhathini lapho kungekhokuzikhela khona. Ukuzikhethela yikhona okuhamba phambili! Ungathola noma yini oyifunako kube ngalendlela oyithandayo wena.

Manje ke uthini ngenkolo elungele wena? Uthini ngenkolo ekhululekile ekukwenzeni ube nonembeza ongakuhluphi, engadingi kwenziwe izinto ezithile ngendlela ethile ngasosonke isikhathi? Ikhona inkolo enjalo, kodwa umbuzo uthi inkolo nayo ifanele ukuba umuntu ayikhethe ngokuthanda kwakhe yini?

Kunamazwi amaningi asibizayo, ngakoke kungaya ngani ukuba umuntu anqume ukukhetha uJesu ngaphezu kwabanye abafana no Muhammad, noma u Confucsius, uBuddha, uCharles Taze Russell, noma uJoseph Smith na? Kanti izinkolo azifani yini nje ngempela? Akusikho yini ukuthi zonke izinkolo ziyindlela yinye esiyisa ezulwini? Iqiniso ukuthi akusizo zonke izinkolo ezisiyisa ezulwini, njengoba akuyona yonke imigwaqo esiyisa eGoli.

NguJesu kuphela okhuluma ngamandla avela kuNkulunkulu ngoba Nguye yedwa owanqoba ukufa. UMuhammad, uConfuscius, nabanye abaqala izinkolo zabo basethuneni kuze kube namuhla, kodwa uJesu, ngamandla akhe wavuka ethuneni emva kwezinsuku ezintathu efile esiphambanweni sesihlungu samaRoma. Yilowo Muntu ke onamandla phezu kokufa esifanele ukumbheka nokuba simuzwe.

Ubufakazi obufakazela ukuvuka kukaJesu buningi buyamangalisa. Okokuqala nje, babangamakhulu ayisihlanu ofakazi ababona uKristu evukile kwabafileyo. Wofakazi abaningi impela laba. Amazwi abantu abangamakhulu ayisihlanu angawofakazi angeke anganakwa kalula nje. Besekuba nendaba ke yethuna elatholakala selingenalutho; izitha zikaJesu ngabe zabuthulisa kalula nje ubufakazi balabofakazi ngokuveza isidumbu sikaJesu, kodwa ke sasingekho leso sidumbu abebangathanda ukusiveza. Ithuna lalingenalutho! Ingabe abaFundi bakaJesu basintshontsha isidumbu na? Qha! Phela ukuze lokho kungenzeki, izikhulu zaqinisekisa ukuthi ithuna likaJesu liqashwe ubusuku nemini ngamasotsha. Kanti nje vele kwakungenakwenzeka ukuba labafundi bakaJesu bamntshontshe ngoba babesaba futhi bangabadwebi nje ababengenakumelana nalamasotsha. Okusalayo nje ukuthi ukuvuka kukaJesu akusiyo into engachazeka kalula yedlule.

Futhi ke, lowo onamandla ngaphezu kokufa ufanele ukuba alalelwe. UJesu wabonakalisa amandla akhe phezu kokufa, kanjalo ke, sifanele silalele ukuthi uthini. UJesu qobo ukubeka obala ukuthi Nguye kuphela indlela esiyisa ensindisweni (NgokukaJohane 14:6). Akasiyo indlela nje, futhi akasiyo enye yezindlela, kodwa uyindlela eyiyonayona yena yedwa.

UJesu yena lowo othi, Wozanini kimi nina nonke enikhathele nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. (NgokukaMathewu 11:28) Lomhlaba unzima futhi impilo ilikhuni. Iningi lethu linemihuzuko nezibazi. Uyavuma kambe? Manje ke ufuna ini? Ukuphiliswa ubuyiselwe esimeni esihle noma inkolo nje? Ufuna UMsindisi ophilayo noma omunye walaba Profethi? Ufuna ubudlelwane obunembuyiselo noma ukulandela amasiko okwenza izinto nje? UJesu akasiye wokukhethwa nje, kodwa Nguye yedwa ofanelwe ukukhethwa.

UJesu uyiyona nkolo uma ufuna intethelelo (Izenzo 10:43). Ujesu uyiyona Nkolo uma ufuna ubudlelwane obuhle noNkulunkulu (NogkukaJohane 10:10). UJesu uyiyona Nkolo uma ufuna ikhaya laphakade ezulwini (NgokukaJohane 3:16). Beka ukukholwa kwakho kuJesu njengoMsindisi wakho, angeke uzisole nanini! Themba Yena ngentethelelo yezono zakho, angeke ujabhiswe.

Uma ufuna ukuba nobudlelwane obuyibonabona noNkulunkulu, shano lomthandazo olandelayo: Khumbula ukuthi ukusho lomthandazo noma omunye ofana nawo angeke kukusindise esonweni. Ukwethembela kuJesu Kristu ngokuphelele okungakukhulula esonweni. Lomthandazo yindlela nje elula yokuthululela kuNkulunkulu ukukholwa kwakho nokumbonga ngokukupha insindiso. Thandaza ke uthi:"Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje isono sami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nokuthethelela okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Iyiphi inkolo engilungele mina
© Copyright Got Questions Ministries