settings icon
share icon
Umbuzo

Yimaphi amagama achaza uNkulunkulu? UNkulunkulu unjani?

Impendulo


Izindaba ezimanandi, uma silinga ukuphendula lombuzo, ziwukuthi kuningi kakhulu esingakuthola ukuthi uNkulunkulu ungubani! Labo abafuna ukwazi kabanzi ngalencazelo kungabasiza uma bengacala ngokuyifunda yonke kuqala; bese ke babuyela emumva baqaphelisisa izindimana ezikhethekile embhalweni ezichaza kabanzi ngayo. (Ukufunda uMbhalo kudingeke kakhulu, ngokuba ngaphandle kokucaphuna eBhayibhelini konke okungashiwo kungaba yimicabango yoMuntu nje engaphelele ukusiza ekuqondeni uNkulunkulu (Ujobe 42:7). Kusemqoka kakhulu ukuqonda ukuthi uNkulunkulu ungubani; ngokuba uma kungenjalo singazithola sizenzela, futhi silandela sikhonza onkulunkulu esizenzele bona, lokhu okuphambene nentando kaNkulunkulu (UEksodusi 20:3-5).

Yilokho uNkulunkulu akhethe ukuba sikwazi Ngaye okwambuliwe kithi. Linye lamagama achaza uNkulunkulu yileli elithi UkuKhanya, okusho ukuthi uNkulunkulu ungozivezayo ngobuNguye (UIsaya 60:19, eKaJakobe 1:17). Iqiniso lokuthi uNkulunkulu wambulile ulwazi Ngaye alikafanele ukudebeselwa, ngoba lokho kungenza ukuthi sisilalelwe ukungena ekuphumuleni Kwakhe (KuMaHeberu 4:1). Indalo, iBhayibheli, Nezwi elaba yinyama (UJesu Kristu) yikho konke okuzosisiza simazi kangcono ukuthi uNkulunkulu unjani.

Asiqale ngokuqondq ukuthi uNkulunkulu unguMdali wethu, nokuthi siyinxenye yendalo Yakhe (UGenesise 1:1, Amahubo 24:1). UNkulunkulu uthi uMuntu wenziwa ngomfanekiso Wakhe. UMuntu ungaphezu kwendalo yonke futhi wanikwa ukuthi abuse phezu kwayo (UGenesise 1:26-28). Indalo yangcoliswa ukuwa koMuntu kodwa isakhombisa umsebenzi Wakhe (UGenesise 3:17-18; KwabaseRoma 1:19-20). Uma sibheka ububanzi bemvelo, ukujula kokuyiqonda, ubuhle bayo nokuhleleka kwayo sinakho ukuqonda ukwesabeka nokumangalisa kukaNkulunkulu.

Ukufunda ngamanye amagama kaNkulunkulu kusinceda ekufuneni kwethu ngokwazi ngoNkulunkulu. Amanye awo yilawa:

Eloyi Onamandla, oNgcwelengcwele (UGenesise 1:1)
Adonayi Inkosi, kukhombisa ubudlelwane phakathi koMniniyo nesisebenzi (UEksodusi 4:10, 13).
El Elyoni Ophezukonke, OPhakeme, Onamandla Onke (UGenesise 14:20).
El Royi Onamandla oBonayo (Ugenesise 16:13)
El Shaddayi Umninimandla Onke (UGenesise 17:1)
El Olami UNkulunkulu waphakade naphakade (UIsaya 40:28)
Yahweh Unkulunkulu o NgiNguye, okusho ukuthi uNgokhona phakade (UEksodusi 3:13,14).

Akesiqhubeke sibuke amanye amagama achaza uNkulunkulu: UNkulunkulu ungowaphakade okusho ukuthi akanasiqalo futhi ubukhona Bakhe abunamkhawulo. UnguNkulunkulu ongabhubhiyo, ophila phakade (UDuteronomi 33:27; AMahubo 90:2; I KuThimothi 1:17). UNkulunkulu akaguquki okusho ukuthi wethembeke ngokuphelele (UMalaki 3:6; Numeri 23:19; AMahubo 102:26,27). UNkulunkulu akafaniswa naMuntu oukusho ukuthi akekho ofana Naye ngemisebenzi nangesimo Sakhe; akalinganiswa futhi wenza konke ngokungasoleki nokuphelele (USamuweli II 7:22; AMahubo 86:8; UIsaya 40:25; NgokukaMathewu 5:48). UNkulunkulu unGongaqondeki ngokuphelele ngokwengqondo yethu okusho ukuthi akaqondeki ngengqondo yethu thina Bantu (UIsaya 40:28; AMahubo 145:3; KwabaSeroma 11:33,34).

UNkulunkulu Ulungile okungukuthi akakhethi muntu (UDuteronomi 32:4; AMahubo 18:30). UNkulunkulu uNgonamandla Onke; Angenza noma yini aYifunayo kodwa ke izenzo zakhe zivumelana nobuNguye Bakhe (Isambulo 19:6; UJeremiya 23:23). UNkulunkulu ungowazi konke okusho ukuthi wazi imumva, inamuhla, nekusasa, futhi wazi nalokho esikucabangayo ngasosonke isikhathi; Ngokuba wazi konke, ukwahlulela kwakhe kulungile kuwo wonke uMuntu (AMahubo 139:1-5; Izaga 5:21).

UNkulunkulu nguye yedwa okusho ukuthi hhayi nje ukuthi akekho omunye, kodwa ukuthi NGuye yedwa ohlangabezana nezidingo zentliziyo yethu, futhi NGuye yedwa ofanele ukudunyiswa nokukhonzwa yithi (UDuteronomi 6:4). UNkulunkulu uwuKulunga okusho ukuthi uNkulunkulu akamelani nezenzo ezimbi; kungenxa yokulunga Kwakhe nokwahlulela Kwakhe ukuthi izono zethu zithethelelwe, uJesu kwadingeka ukuba ezwe ukwahlulela kukaNkulunkulu okwabekwa Kuye yizono zethu (UEksodusi 9:27; ngokukaMathewu 27:45-46; KwabaseRoma 3:21-26).

UNkulunkulu unguMbusi okusho ukuthi ubusa phezukwakho konke; endalweni yakhe yonke angeke imiswe injongo kaNkulunkulu (AMahubo 93:1; 95:3; UJeremiya 23:20). UNkulunkulu unguMoya okusho ukuthi uNgongabonakaliyo ngamehlo enyama (NgokukaJohane 1:18; 4:24). UNkulunkulu UZiquzintathu okusho ukuthi ebuThathwini bakhe munye ngesimo, munye emandleni nasenkazimulweni. Qaphela lokhu ukuthi endimaneni yombhalo (NgokukaMathewu 28:19; NgokukaMakho 1:9_11) kuthiwe igama lisho kunye kodwa kube kubhekiswe eBantwini abathathu UBaba, INdodana, noMoya Ongcwele. UNkulunkulu uyiQiniso okusho ukuthi ubuNguye buyavumelana, angeke aziphikise futhi angeke akhulume amanga (AMahubo 117:2; USamuweli I 15:29).

UNkulunkului uNgcwele okusho ukuthi wahlukene nakho konke ukungcola futhi uxabene nakho. UNkulunkulu uyabubona ububi bonke futhi uyabuthukuthelela. Umlilo yigama eliphathwayo uma kukhulunywa ngobungcwele. UNkulunkulu uthiwa uNguMlilo oqothulayo (UIsaya 6:3; UHabakuki 1:13; UEksedusi 3:2,4,5: KuMaHeberu 12:29). UNkulunkulu unoMusa lokhu kufaka ukulunga kwakhe, umusa, isihawu, nothando amagama lawa asivezela nje kancane ngokulunga kwakhe. Uma bekungesiwo umusa kaNkulunkulu, konke okushiwo Ngaye bekungenza singasondeli nokusondela Kuye. Ngenhlanhla akunjalo, ngokuba uNkulunkulu ufisa ukusazi ngamunye ngamunye (UEksodusi 34:6; AMahubo 31:19; I KaPetru 1:3; NgokukaJohane 3:16; 17:3).

Lokhu okungenhla bekuwumezamo nje wokuphendula umbuzo ngoNkulunkulu. Siyakuncenga ukuba ukhuthazele ekumfuneni nokumazi kancono (UJeremiya 29:13).

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Yimaphi amagama achaza uNkulunkulu? UNkulunkulu unjani
© Copyright Got Questions Ministries